Umlando nezithazelo zakwaShange
Abantu bakwaShange bangabaNtungwa aseMbo ngokwezigaba zabaNguni . U-Shange nokunguyena okwaqanjwa ngaye isizwe wayeyindodana encane yenkosi u-Sibiside Mkhize .Ziningi izibongo ezaphuma enkosini uSibiside , singabala esakwaNdamase , Nyawuza , Khonjwayo ,Chonco [Shayimamba] nezinye . Ngenkathi befika abantu bakwaShange beqhamuka enhla nezwe bafike bazinza eNsuze , entabeni iQhudeni .Ngaleso sikhathi babekade bekanye nabakwaMkhize , busashisa ubuhlobo . Kwathi ngokuhamba kwesikhathi abakwaShange bathi khumu kwabakwaMkhize bawela uThukukela bahamba njalo bagcina bakhe endaweni yakwaMachibise naseNadi eduze kwaseGreytown .
Umuntu owagqama kakhulu kulesi sizwe sakwaShange nguYamela kaPhangandawo owasuka eNadi wayokwakha eShowe ngegunya likaMalimade[uMelmoth Osborne] owabe engesinye sezikhulu zombuso wamaNgisi owabe uholwa yiNdlovukazi uKhwini Vitholi .Ekufikeni kwakhe eShowe u-Yamela wakha umuzi wakhe waseNkanini ewakhela lapho iSilo u-Mpande sasakhe khona umuzi waso waseZulwini owabe usuchithwe nguMalimade .U-Yamela wagcina eseyinduna kaMalimade futhi walwa ngokwethembeka okukhulu ezimpini ezaliwa amaNgisi elwa noZulu esingabala kuzo eyaseSandlwana , eyakwaCeza neyakwaHlophekhulu , elwa ngasohlangothini lwamaNgisi .
Omunye umuntu owagqama kakhulu kulesi sizwe samaShange nguMama u-Thando Cynthia Shange owathatha izindondo eziningi zobuNobuhle eminyakeni yama -1970s .Yena-ke wabe engowesende likaMkhumbane kaPhangandawo owayezinze endaweni yaseMkhumbane eThekwini nokuyindawo eyaqanjwa ngaye .
Ake siwelamanise amaShange
U-Shange wazala u-Dumakude , owazala u-Mdima , Sondlovu noNongama
U-Mdima wazala u-Nonjobo noNqaga
U-Nonjobo wazala wazala u-Lushozi , u-Phangandawo , u-Nondumo , u-Gajana noMgubela .
U-Phangandawo wazala u-Yamela owazala inkosi u-Sinxi eyazala inkosi u-Kwazikwakhe eyazala inkosi u-Vela . Nabuya ubukhosi eNkanini naseMamba , eShowe .
U-Nqaga wazala u-Mfana owazala u-Nombolo . Uzalo luka Nqaga yilolu oluzibiza ngokuthi lungolwakwaMdima isibongo .
Izibongo ezihlobene nesakwa Shange
Mkhize
Mdima
Khonjwayo
Nezinye
Izithakazelo zakwaShange
Dumakude
Mdima
Phangandawo
Sbhodla bakhothe abafokazane !
Nojoma
Owaduma ngomlenze abanye beduma ngensonyama!
Syabonga Dumakude masihlangane sonke singoShange dingabandawonye
dumakude nazoke bhodla bakhothe
Siyabonga ngomlando wakwa Shange, ngifunde lukhulu ukuthi bahlobene nabakwa Mkhize.
Ngiyabonga ukwazi ngabakwa Shange ngoba angibazi ngakhula ngibiza isibongo sakhabo Mama kodwa ngathi mangibuza isibongo sami wathi ngingu Ngulube abaseMalawi kodwa namhlanje ngivuka nephupho kuthiwa njengoba ngikhala ngezinyawo ezibuhlungu kungobamina ngizalwa kwabakaShange futhi kufuneka ngithole amangwe manje ngididekile ukuthi ngabe amshsngane noma amaZulu
Ngiyabonga ukwazi ngabakwaShange bengizibiza ngezibongo sakamama kodwa ngambuza ukuthi ngizalwa kabani wathi kwa Ngulube abasemalawi kodwa namhlanje ngivuka nephupho ukuthi abakithi abakaShange manje ngididekile ukuthi ngingumshangane noma nginguZulu
Ungumzulu phaqa sisuka ensuze enkandla njalo njalo msinga,greytown
Ngicela ungisiza lento idingeka eskoleni mina ngowakaShange mnj eskoleni bafuna ukwaz ukth saqamuka kanjn lesisibongo
syabonga ngomlando wakithi uyachaza kamnandi.
Asbonge singabakwaShange singamaZulu
Ungumzulu phaqa sisuka ensuze enkandla njalo njalo msinga,greytown
Good day.
Ngicela ukwazi ngalesibongo. Mjwara/Jwara/Mbelu.
Ngicela ukwazi ngo Mlambo
bo mathang` abshelelezi angena ngqwayimane