Shange

Umlando nezithazelo zakwaShange

Abantu bakwaShange bangabaNtungwa aseMbo ngokwezigaba zabaNguni . U-Shange nokunguyena okwaqanjwa ngaye isizwe wayeyindodana encane yenkosi u-Sibiside Mkhize .Ziningi izibongo ezaphuma enkosini uSibiside , singabala esakwaNdamase , Nyawuza , Khonjwayo ,Chonco [Shayimamba] nezinye . Ngenkathi befika abantu bakwaShange beqhamuka enhla nezwe bafike bazinza eNsuze , entabeni iQhudeni .Ngaleso sikhathi babekade bekanye nabakwaMkhize , busashisa ubuhlobo . Kwathi ngokuhamba kwesikhathi abakwaShange bathi khumu kwabakwaMkhize bawela uThukukela bahamba njalo bagcina bakhe endaweni yakwaMachibise naseNadi eduze kwaseGreytown .

Umuntu owagqama kakhulu kulesi sizwe sakwaShange nguYamela kaPhangandawo owasuka eNadi wayokwakha eShowe ngegunya likaMalimade[uMelmoth Osborne] owabe engesinye sezikhulu zombuso wamaNgisi owabe uholwa yiNdlovukazi uKhwini Vitholi .Ekufikeni kwakhe eShowe u-Yamela wakha umuzi wakhe waseNkanini ewakhela lapho iSilo u-Mpande sasakhe khona umuzi waso waseZulwini owabe usuchithwe nguMalimade .U-Yamela wagcina eseyinduna kaMalimade futhi walwa ngokwethembeka okukhulu ezimpini ezaliwa amaNgisi elwa noZulu esingabala kuzo eyaseSandlwana , eyakwaCeza neyakwaHlophekhulu , elwa ngasohlangothini lwamaNgisi .

Omunye umuntu owagqama kakhulu kulesi sizwe samaShange nguMama u-Thando Cynthia Shange owathatha izindondo eziningi zobuNobuhle eminyakeni yama -1970s .Yena-ke wabe engowesende likaMkhumbane kaPhangandawo owayezinze endaweni yaseMkhumbane eThekwini nokuyindawo eyaqanjwa ngaye .

Ake siwelamanise amaShange

U-Shange wazala u-Dumakude , owazala u-Mdima , Sondlovu noNongama
U-Mdima wazala u-Nonjobo noNqaga
U-Nonjobo wazala wazala u-Lushozi , u-Phangandawo , u-Nondumo , u-Gajana noMgubela .
U-Phangandawo wazala u-Yamela owazala inkosi u-Sinxi eyazala inkosi u-Kwazikwakhe eyazala inkosi u-Vela . Nabuya ubukhosi eNkanini naseMamba , eShowe .
U-Nqaga  wazala u-Mfana owazala u-Nombolo . Uzalo luka Nqaga yilolu oluzibiza ngokuthi lungolwakwaMdima isibongo .

Izibongo ezihlobene nesakwa Shange

Mkhize
Mdima
Khonjwayo
Nezinye

Izithakazelo zakwaShange

Dumakude
Mdima
Phangandawo
Sbhodla bakhothe abafokazane !
Nojoma
Owaduma ngomlenze abanye beduma ngensonyama!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo