Dlomo

Izithakazelo nomlando wakwaDlomo

Abantu bakwaDlomo bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Phela abaNguni bahlukaniswe izigaba ezinhlanu. Kukhona abaMbo Nguni , abaNtungwa Nguni , aMalala noma amaHlenga Nguni, amaDebe Nguni kanye nabaThonga Nguni. Bonke abaNguni baqhamuka enhla nezwe . Ngenkathi befika abakwaDlomo beqhamuka khona enhla nezwe bafikela eHlathini likaDlamini eduze naseGreytown . Laba bantu bakwaDlomo babuye baziwe ngokuthi bangaMakhabela kususelwa egameni likaKhokho wabo uMkhabela indodana kaDinangwe kaDlomo . Ngakho-ke umuntu onguyena nzalabantu yalesi sizwe saMakhabela nguye uDlomo uqobo lwakhe . Zonke izindlu zaMakhabela zihlangana kuDinangwe kanti futhi nguyena muntu abamazisa kakhulu abantu bakwaDlomo uma bethakazela . Endlunkulu uDinangwe wazala uJongo owazala uMkhulu owazala uKhopho noFabase . UKhopho wazala uMagedama owabe esemncane kakhulu ngenkathi iNgonyama uShaka ihlanganisa izizwe kusukela ngowe 1818 kuze kube ngowe 1828 . Endlini yaseKhohlo wazala izintombi zodwa . KweyeQadi  khona wazala uMkhabela owazala uBhelesi owazala uKhweba owazala uPhini owazala uMqabuli owazala uMkhandi owazala uMgewula owazala uZweni ozala uMthokozisi nokunguyena oqoqe lo mlando waMakhabela .

Indawo abasazinze kuyo manje abantu baseMakhabeleni inamahlathi amaningi aminyene kakhulu kuze kube namuhla . Ngenkathi iSilo uDlungwane kaNdaba sihlanganisa izizwe abantu baseMakhabeleni babebuswa inkosi uFabase eyabe ibusa njengebambabukhosi , ibambele uMagedama (inkosana yomfowabo ) owabe esakhula . Kwangelula kokaNdaba ukuba ahlasele aMakhabela ngenxa yamahlathi ababakhe kuwo . Kuthiwa kwakuthi lapho bebona impi yeLembe izobahlasela babaleke bayongena ehlathini. Lelo hlathi lagcina lifaniswe nenqaba yabo . Kwakuthi nxa sebengene kulelo hlathi bazihlukanise bangahlali ngamaqoqo , kodwa babesakazela nalo ihlathi lonke bahambe ngababili noma ngayedwana.  KwaZulu impi yayingabahlaseli abantu ababehamba ngababili noma ngayedwana . Isu labo lokuzihlukanisa labasebenzela kakhulu ngoba labaphephisa ezimpini zeLembe kwaze kwafika isikhathi sokukhothama kwalo . Kwaze kwakheka nesaga esithi ‘ kanti ngumuntu munye yini njengakwaFabase?” .
Kwathi lapho sekufanele ukuthi inkosi uFabase ishenxe esikhundleni idedele uMagedama yanqwaha nesikhundla sobukhosi . Ngesizathu sokuthi uMagedama wabe enabalandeli abaningi abadlula abakaYiseomncane uFabase , uFabase wagcina ephoqeka ukuba aqembuke nedlazana labalandeli bakhe ngasemfudlaneni iHlimbithwa wayoziqalela ubukhosi bakhe phansi . Nabuya ubukhosi bakhe eMvoti . Babuyela kanjalo-ke ubukhosi baseNdlunkulu yaMakhabela kuMagedama. UFabase eMvoti wazala indlalifa yakhe uMngcangca owazala uKutula . Ebukhosini baseNdlunkulu uMagedama wazala uGayede owazala uMkhuzangwe.

Okunye esingakuphawula ngaMakhabela wukuthi abantu bakwaDlomo abatholakala kwaBulawayo eZimbabwe akubona abaseMakhabeleni, bangaseMahlutshini. Baphuma esendeni likaDlomo wokuqala ozalwa nguHadebe wesibili owayezalwa nguMthimkhulu wokuqala.  ODlomo baseZimbabwe uma bethakazela bathi’ Hadebe , Bhungane , Shwabada, Xaba , Mashiya , Langalibalele njalo -njalo . Amamthinti nhlobo uDinangwe noma uMkhabela.

Okunye futhi esingakuphawula mayelana naMakhabela wukuthi abakwaMkhabela abaseMpumalanga koMbombela bangaMakhabela impela akanye naMakhabela akwaZulu.

Izithakazelo zakwaDlomo

Mkhabela

Dinangwe

Bhelesi

Khweba

Sikhaba esingangenkomo

#ibinda
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo