Mthembu/Mvelase

Izithakazelo nomlando waBathembu

Abantu baseBathenjini badatshulwa nguMthembu indodana ka Ntongakazi ,bangabaNguni bohlobo lwaNtungwa Nguni. Zimbili izindlu zaBathembu kleli laseNingizimu Afrika ,kukhona indlu enkulu yaBathembu nokuyindlu esebenzisa kakhulu uMthembu njengesibongo ,bese kuba khona indlu encane nokungabakwaMvelase . Bakhona kodwa abasebenzisa uMthembu njengesibongo kodwa bene beyindlu encane. ABathembu kusukela endulo sibathola bakhelene naMambatha,aMachunu kanye  naMantungwa akwaMabaso . ABasethenjini nabo basuka enhlavnezwe njengabo bonke abaNguni .
UMthembu wazala uMangqiyima noBhomoyi. UBhomoyi ungukhokho waBathembu bakwaMadiba nokuyilapho kuzalwa khona owabe enguMengameli waseMzansi Afrika ongasekho uBaba uNelson Mandela   . Ah! Dalibhunga!:
UMangqiyima nguyena ogqama kakhulu kuBathembu abatholakala kweliMthaniya .Ugqama kakhulu ngesikhathi aBathembu sebefukile kuleli elaziwa ngokuthi ekaseNingizimu Afrika . Le nsizwa uMangqiyima yasuka eningizimu neNtilasifali yehla njalo yashona ngasolwandle yaze yayokwakha eNseleni nokuyilapho yakha khona ihlalankosi layo eyalibiza ngokuthi kuseNhlangwini. Lo muzi igama layo laphindwaphindwa ngamanye amakhosi aBathembu abusa ngemuva kwenkosi uMangqiyima.
UMangiyima wazala Geza noNyandeni .NguNyandeni-ke ongukhokho wabakwaMvelase nokuyindlu encane yaBathembu njengoba besengishilo. UGeza wazala uLushozi owazala uNdaba . UNdaba wazala uMnisi noMlenze. UMnisi wazala oNdina noJama . NguNdina owayemdala. Lezinsizwa oNdina noJama babusa ngesikhathi senkosi uDingiswayo yabakwaMthethwa . Inkosi uDingiswayo yake yabahlasela aBathembu ngesikhathi sikaNdina yabehlula   . Babuye bazama nangesikhathi sikaJama ukubuyisa izinduku kodwa kwanhlanga zemuka nomoya. Yagcina ibanqobe unomphelo inkosi yaBathethwa yagcina ibafake ngaphansi kombuso wayo . Inkosi uDingiswayo yiyona eyaqala umkhankaso wokuhlanganisa izizwe ukuba zube yimbumba . Lowo mkhankasi wagcina uqedelwe iSlo sakwaDukuza iSilo uShaka . Ngemuva kwenkosi uDingiswayo kwabusa iSilo uShaka esingazange sibanike ithuba lokusimama aBathembu . Bayavela aBathembu ezibongweni zenkosi uDingiswayo uma kuthiwa” iZulu laduma eNhlangwini kuBathembu,aBathembu bakhweza baya ngoJama kaMnisi”.
Ngesikhathi senkosi uShaka kwabusa uVico indodana kaNdina owacasuka washiya indawo yokhokho bakhe wayekhwakha ngaseMhlathuze enengwa yikhona ukuthi wayengasenkosi yalutho.UJama wazala uMahawana noSojabha. USojabha wazala uMashobana owazala uFunwayo .UNdina kaMnisi wazala uVico ,uSondaba noMangcikivana . USondaba wazala uSiyembeyembe . UMahawana kaJama kaMnisi wazala uMmangaliso owazala uLokothwayo .
UMlenze kaNdaba wazala uBhacile owazala uSikhala owazala uSomopho owabusa ngesikhathi seSilo uMpande ,kwasekudlule eside isikhathi bushabalele ubukhosi baBathembu ,bavuka sebuvuka kwenye indlu nokwabe kuyindlu kaMlenze kaNdaba ,buvuswa yiSilo uMpande. USomopho wazala uMsiyana  . Lena yindlu enkulu yaBathembu etholakala eNseleni
AbalwaMvelase:
Lena yindlu encane yaBathembu esiyithola laphaya koMsinga nakoMnambithi  . Yindlu kaNyandeni indodana kaMangqiyima kaMthembu kaNtongakazi. KaMalandela ka Njaye. Iqhawe lakulendlu nguNgoza kaMkhubukeli owayebusa aBathembu bakwaMvelase eMnambithi ngesikhathi seSilo uShaka . Wayedume ngezintelezi zakhe eziyisimanga . Umuzi wakhe kwakukuseMlalankunzi . UNgoza wayebuye abe yinyanga yezulu,ekwazi ukulinisa . Bathi wayelinisa ngisho nasebusika uma ethandile . Kwahamba kwahamba wahlaselwa iSilo uShaka . Impi yeSilo uShaka yamhlasela amahlandla amabili . Kwelokuqal wakwazi ukuyinqoba yahlehla yaphindela esigodlweni kwaBulawayo eNdlayangubo ,eShowe. Kwelesibili wanqotshwa uNgoza wabaleka wabheka kwaXhosa  kwabukubo nokungabendlu kaBhomoyi kaMthembu.  Ngaphandle kwendlu kaBhomoyi kwasekukhona vele abanye aBathembu kwaXhosa .Labo Bathembu ngabakaNdilo kaNyandeni umfowabo Mvelase  . UNdilo wayexabane nomfowabo uMvelase nokwaholela ekutheni adube ikhaya eQhudeni washaya wakhulhula wabheka kuBathembu bakaBhomoyi. Ngakho-ke uNgoza wafica sebandile impela aBathembu kwelekwaXhosa.Akulona iqiniso ukuthi nguyena owazala bonke aBathembu abaseKoloni. UNgoza mncane kakhulu ukuthi angazala abantu noma ngithi isizwe esikhulu kangaka . Abasende likaNdilo yilaba abazibiza ngokuthi bangabakwaMathanzima,Mtirata kanye nabakwaDalindyebo.
UNyandeni kaMangqiyima wazala uNdilo noMvelase nokunguyena okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMvelase .
UNdilo ngenkathi esuka kwaZulu wafika wakha phakathi koMzimkhulu neKoloni yaseKapa . Wakhelana naBathembu bakaBhonoyi kaMthembu . . Labo Bathembu yilabo abaziwa ngokuthi bangabakwaMadiba noma Mandela namuhla. UBhonoyi wazala Ndunakazi owazala Ceduna owazala uToyi owazala uNtande owazala uMboti owazala uNxeko owazala uDlomo owazala uHala owazala uMadiba . Ngenkathi uNdilo efika eKoloni uMadiba wayengakazalwa ,kanti naye uNgoza wayengakazalwa .
UMvelase wazala uGazi owazala Mkhubukeli owazala uNgoza waseMlamlankunzi. UNgoza yena wazala uMhlakomuzi noNondaba . UNondaba wazala uMganu owazala uMabizela noNgquzwana . UMabizela wazala uKufakwezwe noZisulu

Izithakazelo zakwaMthembu

Mthembu
Mvelase
Qhudeni Mvelase
Ndaba
Jama kaMnisi
Ndina kaMnisi
Nina bakaMnisiwemvula libalele
Mvelase kaNyandeni
Wena owavela enyandeni yakwaMabaso
Nina eningawadli amathibani
Nina basemlamankunzi
Ngoza kaMkhubukeli kaGazi

Izithakazelo zakwaMvelase
Mthembu,
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!
Kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo
084 098 4016
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo