Shongwe

Izithakazelo nomlando wakwaShongwe

Abantu bakwaShongwe bangabeNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni . Imvelaphi yabo ixhumene neyakwaDlamini, Shabalala , Kunene , Mavuso nezinye . Ngenkathi befika kuleli eliseAfrika eseMazansi bafika bazinsa lapho sekuyizwe laseSwazini khona. Babekade beqhamuka enhla nezwe njengabo bonke abaNguni . Laba bantu bakwaShongwe bayinzalo yeNgwenyama uMtimande kaKunene kaGabase kaSidwabasiluthuli . Ngakho-ke laba bantu bakwaShongwe bahlobene kakhulu nabakwaKunene futhi basabazisa ubuhlobo babo nanamuhla . Lapho eNgwenyameni uMtimande baphuma kwenye yamadodana ayo uMcusi kaMtimande . Yena-ke uMcusi kaMtimande wazala amadodana amaningi kodwa sizobala amathathu kuphela okuyiwonaayizinsika zezindlu zakwaShongwe . Lawo amadodana uMagude , uTinkuni kanye noNgcaphalala owabe engomncane . Kuthe lapho bekhula uMagude noTinkuni baphuma emzini kaYise wabo ngasentabeni iMbilaneniBasuka lapho bagudla umfula uPhongolo baze bayofika lapho uhlangana khona
nolwandle eMabhuda (Maputo). Yingakho nje kunendawo okuthiwa
kuseTshongwe lapha kwelaseNgwavuma iqanjwe ngabo abakwaShongwe. Baze
bahambe indawo engaka nje yingoba abakwaShongwe bayizinyanga phela
behambe bethubeleza emahlanzeni bekhendla imithi. INkosi uTinkuni kwaze
kwathiwa uzikhuni nje yingoba wayenomlingo wokungena esizibeni nesikhuni
esivuthayo aphind’aphume naso sivutha. UMntanenkosi uNgcamphalala yena
wakha endaweni ephakathi kweShiselweni neSiphofaneni. Leyo ndawo yagcina
ibizwa ngokuthi kukwaNgcamphalala. Ngokuhamba kwesikhathi -ke izizukulwane
zakhe zafuduka zaze zayofika kwelaseMkhondo (Piet Retief) naseNcaka
entshonalanga neDumbe lapho zafike zakha khona umuzi wa kwaHlohlingwe
phakathi kwentab’iNcaka nomful’uPhongolo. Kule ndawo zafica kugcwele izingwe
zazizingela zaze zaphela ukuze imfuyo yabo ibenedlelo eliphephile.
INkosi uTinkuni yena wazala iNkosi uMathafeni. INkosi uMathafeni yasuka
kwelasoPhongolo yayozinza eBulunga kwaManzini. Yafika lapha inamabutho
ayezizingwazi ngokwempi nangokwenqina ngenxa yokuthi base bebuya endaweni
eyihlanze oPhongolo lapho ababezingela khona izingwe nezingonyama.
INgonyama uMswati 2 wase eyayicela iNkosi uMathafeni ukuthi iyombheke la izwe
lakhe elangaphesheya kwemifula iNkomazi noMlumathi leli zwe namhlanje
eselaziwa ngokuthi isifunda saseMpumalanga nengxenye yeGauteng ikakhulukazi
indawo yaseKurhuleni neSandton. Leli zwe-ke abakwaShongwe namaSwazi onke
alibiza ngokuthi kuseSikhwahlaneni okuyigama likakhokho wabo olamana
noMntanenkosi uMagude. INkosi uMathafeni yakha umuzi yawuqamba igama
yathi kukwaShongwe iwuqamba ngomuthi wokwelapha isikhumba nezinye izifo
ezibangaphakathi kumuntu. Yaqamba neminye imizi emibili, yathi omunye
kukwaDlangamandla, omunye yathi kuseSidungweni noma kuseMashobeni.
INgonyama uMswati 2 yabuye yathumela uMathafeni Mdluli induna yempi ukuba
akhe umbimbi neNkosi uMathafeni  ukuze bashaye abaPedi, baze
bayobabek’eMhuluhulu (Hoedspruit). Babathathel’izinkomo nezingane bazifaka
ngaphansi kwesizwe sakwaShongwe.
INkosi uMathafeni washona emva kokulwa lempi phakathi kuka-1869 no-1870
ebulawa yingxibongo (small-pox) watshalwa eduze nalapho osekuthiwa
kukwaShongwe Mission manje. Ingxibongo yabhubhisa umuzi
wakwaDlangamandla, umuzi waseMashobeni wona wase uthuthela esifundeni
sakwaHhohho. INkosi uMathafeni yalandelwa iNkosi uMathamo ngokubusa
owayeyingwazi naye. Ingwazi eyalwa nabaPedi, abaTsonga nabaTshopi kubangwa
izinkomo nezwe. Kwathi emva kwenye yezimpi iNkosi uMa thamo yahlatshwa
ukugula, bayithwala abantu bakaMahlalela Mlambo bayoyibeka eBulunga
kwaManzini. INgonyama uMswati 2 yase ixoshisa uMahlalela ngokumenza inkosi
yakwaMlambo eMbuzini. INkosi uMathamo yayinondlunkulu abawu-30 nemizi
ewu-16 ezindaweni ezinjengoMzinti, Schuzendal, Middelplaas, eSchoemansdal,
eJeppe’s Reef naseSwazini.
INkosi uMathamo kwakuyinkosi elungile eyayithandwa yiwo wonke umuntu.
Yayinomusa futhi ikwazi nokunika indawo yokuhlala abantu okungebona abesizwe
sayo ngisho abelungu imbala, abelungu abanjengoKirk, uSchoeman noGilliland.
INkosi uMathamo yashona ngo-1925 isihlalo sayo sabanjwa yindodana yayo
uMntanenkosi uNjiyeza, ebambele uMntanenkosi uMagubha ozalwa
uMntanenkosi uGebhuza inkosana yeNkosi uMathamo eyashona kuqala iNkosi
uMathamo isaphila. UMntanenkosi uNjiyeza wayeyisanusi emndenini. Waminza
emfuleni iNgugwane ngo-1937. INkosi uMagubha yayizalwa uMntanenkosi
uGebhuza kundlunkulu wakhe uMangeti umzukulu weNgonyama uMswati 2.
Yazalwa ngo-1909, yahlala emzini waseMbanweni eMlumathi (Schoemansdal).
Wabusa iminyaka ewu-11, watshalwa eduze kukayisemkhulu, iNkosi uMathamo.
INkosi uMagubha ikhunjulwa njengenkosi eyayinomthetho futhi yagcina namasiko
amadala, yagcina nobuhlobo obuhle nabantu baseSwazini. Emva kokushona
kweNkosi uMagubha isihlalo sabanjwa umfowabo uMntanenkosi uSisini kusukela
ngo-1941 kuya ku-1945. Emva kwalokho kwabamba uMntanenkosi uZithulele
umfowabo omncane kaMntanenkosi uNjiyeza. Wabamba kusukela ngo-1945 kuya
ku-1955. Kusukela ngo-1955 kuya ku-1962 kwabamba uMntanenkosi uSigweje
(hhayi owakwaKunene) kodwa enye yamadodana eNkosi uMathamo. Emva
kokubusa kwamabamba amathathu kwabesekuphatha iNkosi uTinhlonhla,
indodana yeNkosi uMagubha ezalwa inkosikazi yakhe yesibili uTotoyi. Yabusa
kusukela ngo-1962 kuya ku-1981. Kwaba ngesikhathi sayo le nkosi lapho indawo
yakwaShongwe yakhelwa isikole iShongwe Secondary School ngo-1970.
Emva kweNkosi uTinhlonhla kwabamba udadewabo, uMntanenkosi uMdzili
okhunjulwa ngokulunga kwakhe, wabamba kusukela ngo-1981 kuya ku-1982.
Emva kwalokho kwabamba uMntanenkosi uMahusha kwaze kwaba u-1992. Ngo-1993 kwaphatha indodana yeNkosi uTinhlonhla, uMntanenkosi uSikhumbuzo
okuthe ngesikhathi sakhe kwavulwa amahhovisi amasha obukhosi.
Egumeni elikhulu uMntanenkosi UMagude wazala uMagubhela, uMagubhela
wazala uJezi, uJezi wazala uMkhulunyelwa, uMkhulunyelwa wazala
uMhlambanyathi, uMhlambanyathi wazala uMagugu. UMntanenkosi uMagude
wazala nabanye abaNtwanabenkosi oNgobazana, Mhlushwa/Sidlamafa,
Sithandwa, Mdladla, Herodi noMgobozi.
Egumeni elincane kwazalwa uNgcamphalala, uMabhengeza, uNtekelezi,
uMgulube; indlondlo eyadl’ubulongwe yaze yalibala, uNjuqu edl’amahleza
kaNgangaza, Mlobho ozishay’ishingana, uMthunzi, uMxhosa, uMdekeni (uZoza II),
uBatshoki, uBhalabhala, uPhawula, uDuma, uMnyezane, uMadula, uMalunda
noNdlalingubo.
Bese egumeni likaSomhlolo (iguma laseNhlangano) kuzalwa uMadingindawo,
uMadingindawo wazala uPhikithi, uPhikithi wazala uJulayi, uJulayi wazala
uSomhlolo II.
Kubhale uMntanenkosi uZoza Shongwe.Izithakazelo zakwaShongwe

Mtimande
Lubambo lunye
Zingabambili weza nonina
Laqhashizeze.
Madonsela
Mcusi

#Kulobe INtungwa lasenhla kwaSokhumalo
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo