Kunene

Zithakazelo nomlando wesibongo sakwaKunene
Abantu bakwaKunene bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabeNguni , imvelaphi yabo isenhla nezwe njengazo zonke izibongo zabeNguni . Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaNkosi -Dlamini nokuyisibongo esibusa izwe laseSwazini . Isibongo sakwaKunene saqambeka ngoKunene kaGebase kaSidwabasiluthuli ongukhokho wabo bonke abeSwazi -owayephila kudala kakhulu bengakabusi oDlamini wokuqala noNgwane okuqala . U-Kunene wazala u-Mmande[u-Mtimande] owazala u-Madlabane ,kwenye indlu u-Mmande wazala u-Mcusi owazala abakwaShongwe .Ngaphambilini isibongo sendlunkulu yabeSwazi bekungesakwaKunene .Lokho kufakazelwa ukuthi nanamuhla amakhosi abeSwazi akhulekelwa ngokuthi ‘Wena weKunene’. Ukusetshenziswa kukaDlamini  njengesibongo sendlunkulu yabeSwazi  kuqale eminyakeni yama-1800 kuqalwa iSilo u-Sobhuza esabiza isizwe saso ngoNkosi -Dlamini sisetha ngamakhosi ayebuse kamuva kungakafikwa ezweni laseSwazini kuqhanyukwa enhla nezwe . Umnewabo weSilo uSobhuza ogama lakhe kwakunguSigweje yena wasigcina lesi sibongo sakwaKunene  . U-Sigweje neSilo u-Sobhuza kwabe kungamadodana eSilo u-Ndungunye ka Ngwane wesithathu .Empeleni u-Sigweje kwakumele kube uyena inkosana ezothatha isihlalo sobuNgonyama kepha wachithwa yisiko labeSwazi elithi u-Mntwana ozothatha ubukhosi kumele kube yilowo ozalwe eyedwa kundlunkulu omzalayo ,kumele angibinabafowabo abangambangisa . Manje-ke u-Sgweje wayenabo abafowabo esingabala kubo u-Mbabane [okwaqanjwa ngaye idolobha laseMbabane] , u-Mnkonkoni , u-Majumba nabanye .
ISilo u-Sobhuza sona -ke sasinguZinyobulala ku-Ndlunkulu u-Sojamluse Simelane .Uthe uma esethatha ubukhosi u-Sobhuza waguqula isibongo isibongo seNdlunkulu yabeSwazi sangabe sisaba uKunene kodwa saba uDlamini . I-Silo u-Sobhuza sathi uma sithatha ubukhosi sakha umuzi waso waseShiselweni ,salandela ngowakwaLobamba . U-Sigweje yena wakha owasoBhadeni ngenhla noPhongolo , kwathi ngezansi kwalo wakha owaseMbizeni . Izwe likaSigweje belisuka kwaMahamba ngaseMkhondlo[Piet Ritief] lize lifike eMbizeni  I-Silo u-Sobhuza sakhothama ngo 1836 ,ekuthameni kwaso ubukhosi babanjwa yindodana yaso u-Malambule owabe ebambele i-Wundlu u-Mswazi wesibili elalisakhula . Kwathi ngo-1840 washenxa u-Malambule esihlalweni sobukhosi , wadedela i-Wundlu uMswazi ll .Kodwa ekushenxeni kwakhe wagodla ezinye zezinkomo zasebukhosini wazifihla enabafowabo oNdlela , u-Fokothi ,u-Sidubelo , u-Thekwane noMgidla . Ngeshswa labo-ke i-Silo u-Mswazi sagcina siyizwile indaba yokufihlwa kwezinkomo . Kuthe uma ezwa uMalambule ukuthi i-Silo uMswazi ll sesiyazi ngendaba yokufihlwa kwezinkomo wase eqoqa abafowabo babalekela enkosini  u-Sigweje eyabe izibusela kahle abantu bakhe bakwaKunene .
ISilo uMswazi saphaka ibutho laso leZinyathi ukuba liyohlasela abafowabo eBhadeni .Ngempela wahlaselwa umuzi wasoBhadeni maqede washiswa ushiswa yibutho leZinyathi . Lezi zelamani zabalekela emishini [mission station] yomlungu u-Rev James Allison[u-Mneli] webandla lamaWesili kwaMahamba .  Ibutho leZinyathi labalandela khona kuleyo mishini lafike labahlasela kanye noMneli , yashiswa imishini kwafa ingxenye ethile yamaNtimande .  Ukushiswa komuzi wenkosi u-Sgweje kanye nemishini kaMneli kwatholisa i-Silo u-Mswazi izihasho ezithi ‘uMshisela qhu!oshisele izikole ezimbili ,esakwaNdlela nesakwaMneli ‘! UMalambule waphikelela kwaZulu wayokhonza eSilweni u-Mpande . Kwathi inkosi u-Sigweje nabantu bayo bakwaKunene kanye noMfundisi u-Mneli  bona baphikelela eMalizibheki bakha eduze nomfula u-Msunduzi . Indawo yabo yagcina yaziwa ngokuthi kuseMaswazini

Inkosi u-Sigweje yakhothamela khona  eMsunduzi futhi yatshalwa khona ,ubukhosi babe sebuthathwa inkosana yayo u-Lubelo owalandelwa inkosi  u-Didumndeni kaLubelo .Inkosi u-Didumndeni yakhothama ngoMandulo ka 1970 nokwathi ngemuva kokuthama kwayo ubukhosi babanjwa ngamabamba izikhathi ezimbili ebambele inkosana yayo u-Malusi kaDidumndeni  . Kwaqala kwabamba u-Malamulela kwabuye kwabamba u-Mbizoyamaswazi . Inkosi u-Malusi yiyona ephethe manje
Izithakazelo zakwaKunene
Mtimande
Bhambolunye
Zingaba mbili zifuze ekhakonina
Maswazi amahle
Madonsela
Sgweje
Izibongo ezihlobene nesakwaKunene
Shongwe
Madonsela
Ngwenya
Mgoza
Hlela
Thela
Seyama
#Kulobe UKholo Khumalo INxazonke
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo