Zithakazelo nomlando wesibongo sakwaKunene
Abantu bakwaKunene bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabeNguni , imvelaphi yabo isenhla nezwe njengazo zonke izibongo zabeNguni . Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaNkosi -Dlamini nokuyisibongo esibusa izwe laseSwazini . Isibongo sakwaKunene saqambeka ngoKunene kaGebase kaSidwabasiluthuli ongukhokho wabo bonke abeSwazi -owayephila kudala kakhulu bengakabusi oDlamini wokuqala noNgwane okuqala . U-Kunene wazala u-Mmande[u-Mtimande] owazala u-Madlabane ,kwenye indlu u-Mmande wazala u-Mcusi owazala abakwaShongwe .Ngaphambilini isibongo sendlunkulu yabeSwazi bekungesakwaKunene .Lokho kufakazelwa ukuthi nanamuhla amakhosi abeSwazi akhulekelwa ngokuthi ‘Wena weKunene’. Ukusetshenziswa kukaDlamini njengesibongo sendlunkulu yabeSwazi kuqale eminyakeni yama-1800 kuqalwa iSilo u-Sobhuza esabiza isizwe saso ngoNkosi -Dlamini sisetha ngamakhosi ayebuse kamuva kungakafikwa ezweni laseSwazini kuqhanyukwa enhla nezwe . Umnewabo weSilo uSobhuza ogama lakhe kwakunguSigweje yena wasigcina lesi sibongo sakwaKunene . U-Sigweje neSilo u-Sobhuza kwabe kungamadodana eSilo u-Ndungunye ka Ngwane wesithathu .Empeleni u-Sigweje kwakumele kube uyena inkosana ezothatha isihlalo sobuNgonyama kepha wachithwa yisiko labeSwazi elithi u-Mntwana ozothatha ubukhosi kumele kube yilowo ozalwe eyedwa kundlunkulu omzalayo ,kumele angibinabafowabo abangambangisa . Manje-ke u-Sgweje wayenabo abafowabo esingabala kubo u-Mbabane [okwaqanjwa ngaye idolobha laseMbabane] , u-Mnkonkoni , u-Majumba nabanye .
ISilo u-Sobhuza sona -ke sasinguZinyobulala ku-Ndlunkulu u-Sojamluse Simelane .Uthe uma esethatha ubukhosi u-Sobhuza waguqula isibongo isibongo seNdlunkulu yabeSwazi sangabe sisaba uKunene kodwa saba uDlamini . I-Silo u-Sobhuza sathi uma sithatha ubukhosi sakha umuzi waso waseShiselweni ,salandela ngowakwaLobamba . U-Sigweje yena wakha owasoBhadeni ngenhla noPhongolo , kwathi ngezansi kwalo wakha owaseMbizeni . Izwe likaSigweje belisuka kwaMahamba ngaseMkhondlo[Piet Ritief] lize lifike eMbizeni I-Silo u-Sobhuza sakhothama ngo 1836 ,ekuthameni kwaso ubukhosi babanjwa yindodana yaso u-Malambule owabe ebambele i-Wundlu u-Mswazi wesibili elalisakhula . Kwathi ngo-1840 washenxa u-Malambule esihlalweni sobukhosi , wadedela i-Wundlu uMswazi ll .Kodwa ekushenxeni kwakhe wagodla ezinye zezinkomo zasebukhosini wazifihla enabafowabo oNdlela , u-Fokothi ,u-Sidubelo , u-Thekwane noMgidla . Ngeshswa labo-ke i-Silo u-Mswazi sagcina siyizwile indaba yokufihlwa kwezinkomo . Kuthe uma ezwa uMalambule ukuthi i-Silo uMswazi ll sesiyazi ngendaba yokufihlwa kwezinkomo wase eqoqa abafowabo babalekela enkosini u-Sigweje eyabe izibusela kahle abantu bakhe bakwaKunene .
ISilo uMswazi saphaka ibutho laso leZinyathi ukuba liyohlasela abafowabo eBhadeni .Ngempela wahlaselwa umuzi wasoBhadeni maqede washiswa ushiswa yibutho leZinyathi . Lezi zelamani zabalekela emishini [mission station] yomlungu u-Rev James Allison[u-Mneli] webandla lamaWesili kwaMahamba . Ibutho leZinyathi labalandela khona kuleyo mishini lafike labahlasela kanye noMneli , yashiswa imishini kwafa ingxenye ethile yamaNtimande . Ukushiswa komuzi wenkosi u-Sgweje kanye nemishini kaMneli kwatholisa i-Silo u-Mswazi izihasho ezithi ‘uMshisela qhu!oshisele izikole ezimbili ,esakwaNdlela nesakwaMneli ‘! UMalambule waphikelela kwaZulu wayokhonza eSilweni u-Mpande . Kwathi inkosi u-Sigweje nabantu bayo bakwaKunene kanye noMfundisi u-Mneli bona baphikelela eMalizibheki bakha eduze nomfula u-Msunduzi . Indawo yabo yagcina yaziwa ngokuthi kuseMaswazini
Inkosi u-Sigweje yakhothamela khona eMsunduzi futhi yatshalwa khona ,ubukhosi babe sebuthathwa inkosana yayo u-Lubelo owalandelwa inkosi u-Didumndeni kaLubelo .Inkosi u-Didumndeni yakhothama ngoMandulo ka 1970 nokwathi ngemuva kokuthama kwayo ubukhosi babanjwa ngamabamba izikhathi ezimbili ebambele inkosana yayo u-Malusi kaDidumndeni . Kwaqala kwabamba u-Malamulela kwabuye kwabamba u-Mbizoyamaswazi . Inkosi u-Malusi yiyona ephethe manje
Izithakazelo zakwaKunene
Mtimande
Bhambolunye
Zingaba mbili zifuze ekhakonina
Maswazi amahle
Madonsela
Sgweje
Izibongo ezihlobene nesakwaKunene
Shongwe
Madonsela
Ngwenya
Mgoza
Hlela
Thela
Seyama
#Kulobe UKholo Khumalo INxazonke
Ngicela ukwazi ngomlando nezithakazelo zakwaMdluli
Ngicela umlando wesibongo sakwaMthonti kanye nemvelaphi yaso. Ngiyabonga.
Ngizalwa kwaKunene ngiganele kwaMakhoba, kepha kumlando engiwaziyo kakushiwo ukuthi sihlobene noKunene Mntimande . Kuthiwa singaba kwaKunene Mgozi abangawona amaSwati kepha amaZulu. Ngicela ukucaciseleka ngoba ngyambona uMgozi kwizibongo ezihlobene Kunene. Uma uchaza history indaba yezinkomo isimlar kodwa ixoxwa ngenye indlela. Kafushane ithi uMgoza wabe eliqhawe laShaka kepha engasafuni ukulwa uShaka wafuna ukumbulala wabe esebaleka nomndeni wakhe bawelangezinkomo na bafazi nezingane zakhe bahia la ngaku Kunene river.
Ina ngifuna ukwazi kabanzi ukuthi u Vundla ungena kanjani kusithakazelo sakwa Kunene. Ngokuzwa kuthiwa my grand grandfather waphuma umuzi wakha eduze kwentaba. Ojwagcina sekuthiwa kunene
Vundla
Mjisa Kafikisa
Wena Lwandle aliwelwa, liwelwa zinkonjani
Sisi a u Lwandle luvuma
Mpukane wazithela ebisi I ka Nzilikazi
Ngcela ukwazi umlando ngesibongo sakwa MALEVU
Ngicela ukwazi izithakazelo nomlando wakwaNdlangamandla