Incazelo ngeNgududu \INsingizi \Southern ground hornbill

INsingizi, noma iNgududu :

Bangaki abayaziyo lenyoni yezulu? Lafa elihle kakhulu. Lenyoni isiyindlala kakhulu kwelengabadi ngenxa yokuzingelwa kwayo abakhunkulu kanye nokufa kwezwe lakithi elingasalinywa nhlobo okuholele ekutheni izilwakazane ezidliwa yilenyoni ezivame hukutolakala emasimini zinciphe kakhulu. Okunye-ke yikuthi ingududu izalela amachwane amabili nje vo njalo eminyakeni ethi eyibe yisikhombisa ekubeni yona iphila iminyaka ewu-40 kuya ku-50. Uzobona-ke ukuthi kuyinindaba lezinyoni seziyindlala kangaka ikakhulukazi kwelikaMthaniya (elingasalinywa). Lenyoni isifakwe ohlwini lwezilwane okumele zilondolozwe kakhulu ngoba isisengcupheni yokubhubha unomphela, okuchaza ukuthi izizukulwana zethu seziyoyizwa ngendaba noma zifunde ngayo ezinganekwaneni. Ingududu idume kakhulu ngokubikezela izulu (ikakhulukazi uma lizoduma bese liyidliva). Ukukhala kwengududu noma izingududu bekuletha ithemba ezweni ikakhulukazi uma kuhlasele isomiso. Lenyoni ibingalokothi ibulawe kwaZulu ngenxa yeqhaza layo ekubikezeleni noma ekumemeni imvula. Bathi uma uke wayibulala usuke uzidonsele amanzi ngomsele ngoba umuzi wakini ushaywa yizulu ushe wonke ube ngumlotha. Kanjalo uma lenyoni ike yangena ekhaya yahlala egcekeni noma phezu kwesibaya noma kwendlu, kumele kusukunywe impela kulowo muzi ngoba lokho kusuke kubika umshophi ozovela. Kuyaye kumele ukuthi abalowo muzi behambe beyoqiniswa, babhilwe kucushwe lowo muntu othumela umshophi owubhubhane kulowo muzi. Insingizi-ke isuke yona ithunywe ngabadala/amadlozi ukuthi izobika ekhaya ukuthi impi yabathakathi isinyathela amasimba abantwana, hlomani nibe zingovolo. Kodwa-ke kulesi sikhathi esiphila kuso izingududu kuyenzeka ukuba ziphume noma zeqe la zingcinwe khona endaweni yokulondolozwa kwemvelo (kafushane, e-Zoo naseziqiwini). Lezingududu zisuke sezibejwayele abantu kanye nokuphakelwa, ngakho-ke zizithola seziphonseka emizini yamadoda maqede kuxhaphazelele izisu emadodeni, kuchithwe izinkomo kubhilwa umhlola obikwa yilenyoni kube njeya. Lento yenzekile kwelakithi kuloKhisimuzi esisuka kuwo, namanje abaningi bayatatazela. Okumnandi-ke yikuthi liyithelile imvula, kwenzeka lokhu ingududu eyaziwa ngakho (sengisho ukubikezela noma ukumema imvula). Lapha ngichaza ngesigodi sakithi eNgongoma kwelakwaDabhazi kwaNongoma. Lenyoni ingene emizini eminingana ihamba yodwa ekubeni sazi ukuthi azivamile izingududu ukuhamba ngazodwana; ziba mbili kuya kwezinhlanu imvamisa (azeqi nokho eshumini). Nami ngethuka impela ngibona lomhlola, kodwa ngazibuza ukuthi lenyoni ivelaphi futhi yini ihamba yodwana nokuthi yini ihamba iziphonsa emizini yamadoda ibe iphindaphindela. Ibhungu lakwethu elase lethuke livevezela, ngalicela ukuthi lehlise umoya ngoba lenyoni yabe ingene emizini eminingana okuchaza ukuthi cishe iyinyoni esiyejwayele abantu. Nokho-ke ngabe sengithi lokho engikushoyo akuchazi ukuthi uma unetwetwe hlala phansi ngoba elisuka muva likholwa yizagila.

INsingizi kwezaMakhathakhatha.

Nina beSilo sakithi oSuthu,  iNsingizi noma iNgududu yaziwa ngokuthi yiSouthern ground hornbill ngesiLungu. Lena yiNyoni ejule kakhulu. Iziphilisa ngokudla iziMfudu , amaGundane iziNtulo  kanye nokunye . INyoni yeZulu lena . IziNgududu zivamise uhamba ziwumhlambi , uma zike zabonakala nje lisuke seliseduze ukuba liyithele imvula. INsingizi yinyoni ejule kakhulu , awukwazi ukuyibulala bese uyayithatha uya nayo ekhaya kucwebe iziziba. Uma uya nayo ekhaya zonke lezi ezinye ziyakhala zikulandela uyoze uyilahle zilokhu zibelesele njalo ngokukhala zikulandela. Kanjalo neChwane , noma iQanda layo ngeke uze ulithathe nhlobo . Uma ungene neChwane layo ekhaya ziyaqhubeka nokukhala zikake umuzi uyoze uliphindise lapho ulithathe khona. Kanti futhi uma uyibulele lezi ezinye ezisele  ziyayilinda  ize ibole , yome ,iwohloke. Izinyanga ziyathatha ngokuthi ziyibulale bese ziyishiya khona lapho ezisuke ziyibulalele khona, ibole ize iwohloke , ziyoze ziyilande isihohlokile sezisukile ezinye ebekade ziyilindile. INsingizi yinyoni yokuqina, ngingasho nje ukuthi ilala isibili ezinyonini zokuqina. Inyoni ephuma phambili kwezokuqina yiNgqungqulu. Amafutha ayo {iNsingizi}yiwona angena kwezokuqina. Ayangena nakwezokubethela uMuzi, avimbela  iZulu ukuba lingagadli ekhaya. UPhaphe lweNsingi bakhuphula ngalo aBalozi. Umuntu oqiniswe ngeNsingizi akathakatheki.

Ake ngime lapho nina beSilo sakithi eNaleni uSihlangu sibagqabha sinamanxeba: Thola olunye ulwazi ngaMakhathakhatha kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Khumu!!

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo