Iqola

Nalo-ke iqola inyoni encane edume ngonya nangesibindi esiyisimanga.

Lolu hlobo lwenyoni lubizwa ngokuthi ‘ yiqola’ .Luncane nje alulukhulu kangako ngokwakheka . Lenyoni idume ngokwengasabi kwayo izinyoni ezinkulu kunayo ezifana noklebe ,amawabayi nezinye. Le nyoni uma ithe yabona inyoni enkulu engangoklebe iphethe itshelwe noma inyama nje iyayihubha ilwe nayo kuze kube sezingeni lokuthi leyo nyoni enkulu iwisa leyo nyama esuke iyiphethe . Bese-ke uma isiyiwisile iqola bese liyazicoshela .Iqola alithandi inyama esemanzi. Inyoni iqola lidla noma ngithi lithanda kakhulu inyama esithe ukoma kancane . Uma leyo nyama esuke iyiphange ezinye izinyoni isemanzi iqola liyaye liye nayo emeveni noma othini lifike liyichome khona bese liyiyeka lapho ize yome. Uma seyomile-ke kube yima liyidla . Leli gama elithi ‘qola’ le nyoni yalithola ngakho ukuqola noma ngithi ukwephanga ezinye izinyoni inyama yazo.
Le nyoni iqola ibuye idume ngonya ezinyonini ezincane kunayo ezifana nongcede ,ocilo nezinye. Uma izibona iyazijaha ize ibambe enye yazo iyibulale. Kuyothi-ke uma isiyibulele iyichome futhi othini bese iyiyeka lapho ize yome .Izobe ilokhu iya lapho esuke ichome khona leyo nyoni yayo iyobheka ukuthi ngabe ayikomi yini. Kwezinye izikhathi iqola liyalibala ukuthi konje labeka inyoni othini. Izohlala lapho-ke othini leyo nyoni yome ize iwe yodwa,selikhohliwe iqola. Iqola libuye lidle nemadiye ,amaqhwagi nokunye . Nawo liyachoma othini aze ome , aliwadli esemanzi. Kunenkolelo ethi uma umuntu elibone lihlezi othini libhekise isifuba salo esimhlophe ngakuye lowo muntu usuke ezokwehlelwa inhlanhla. Kodwa uma limfulathele kuthiwa usuke esokwehlelwa yishwa . Iqola libuye lidume nangokwazi ukuvika, alishayeki kalula ngenduku noma ngesihlilingi. Kanti nanxa licushiwe alibambeki kalula ngenxa yenhlakanipho yalo .
# Khumu!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo