Izaga nezincazelo

1. Umlungu angathungwa isicoco

– Kusuke kufungwa. Uma umuntu ethi into ethile ayisoze yenzeke usebenzisa sona lesi saga. Incazelo yaso iyefana neyesaga esithi “inkomo ingazala umuntu”
2. Wande ngomlomo kuhle kwesiqebetho
– Wande kakhulu ngokukhuluma kepha uma sekuyiwa ekwenzeni uyahluleka. Isiqebetho kushiwo iskigi
3. Wakhahlelwa yihhashi esifubeni
– Akakwazi ukugcina imfihlo. Watshelwa into ethile uhamba eyifafaza kubo bonke abantu .
4. Unyawo alunampumulo
– Umuntu kudingeka aphathe kahle abanye abantu ikakhulukazi abakofika noma ngithi izivakashi ngoba ngelinye kuyohamba yena .
5. UZenzile kakakhalelwa kukhalelwa uZumekile
– Umuntu owenza into emfaka enkathazweni ngamabomu angeke aluthola uzwelo oluqhamuka kwabanye abantu .
6. Abantu abayi ndawonye bengemanzi
– Akuvamile ukuthi abantu bavumelane ngemibono . Bahlezi benimibono ehlukile. Abanye bandose baya lena , abanye nabo baye le.
7. Akukho qili lazikhotha emhlane
– Angeke uhlale wenza okubi kwabanye kukulungela, uyoze uhlangane nontanga yakho ngelenye ilanga.
8. Akusilima sidlebende kwabo/ Asikho isilima esindlebende kwabo
– Ngisho umuntu engaba mubi kangakakanani ngezenzo kodwa abakubo bayohlezi bemthanda .
9. Ingane engakhali ifela embelekweni
– Uma unenkinga kudingeka uyibikele abanye ukuze bakusize ukuyixazulula. Uma uthula iyokucindezela kakhulu leyo nkinga.
10. Inyanga kayizelaphi
– Noma unalo ulwazi lokwenza okuthile kodwa kudingeka ucele usizo nakwabanye bakulekelele.
11. Isisu sesihambi kasingakanani,singange nswana yenyoni
– Ubosipha ukudla isihambi ngoba size sikuqede ukudla kwakho enqolobaneni.
12. Inhlambi yamanzi ifela emanzini
– Umuntu ufela kulowo msebenzi awenzayo ,kungaba umsebenzi omuhle noma omubi
13. Umlobokazi uhamba esagcobile
– Umuntu uma ehamba esuka endaweni abekade ehlala kuyona, noma eshiya umsebenzi ebakade ewenza ,makahambe kusekuhle abantu besamthanda .
14. Amaqili kawahlali ndlininye
– Abantu abazibona behlakaniphile angeke bahlalisane endlini eyodwa .
IZAGA EZAPHATHELENE NEZILWANE
1. Indlovu idla abasondezeli
Abasondezeli ngabantu abasondelene kakhulu nomuntu omkhulu. Kungama inkosi ,umphathi wenkampani,umengameli wezwe njalo njalo.
– Lesi saga sichaza ukuthi abantu abaseduze nomuntu omkhulu yibona abazithola sebesezinkingeni.
2.Umkhumiso usulingene izintondolo
– Akusekho lutho oluphuzwayo noma  oludliwayo. Okusasele kuyodliwa ngabantu abadala
3. Inkomo ingazala umuntu
– Ngeke yenzeke leyonto
4 . Ababulali benyathi balala ucwayimbana
– Kunabantu abazenza izilinyana kodwa bebe behlakaniphile. Obobexwaya abantu abanjalo.
5.Ayinyonki kabili
– Ungangikhohlisa namuhla, kodwa kusasa ngeke usalunga.
6. Akukho nkwali yaphandela enye.
-Indoda nendoda iyazisebenzela , ayikho indoda esebenzela enye indoda .
7 . Ayikho inkomo yobuthongo
– Uma uyivila uthanda ukulala ngeke ube nalutho empilweni .
8.Ingwe idla ngamabala.
–  Izenzo zomuntu ezinhle ezimenza athandeke kubantu noma emphakathini.
9. Ayihlabi ngakumisa
– Ungamethemba uma umbuka kodwa uma sekwenziwa uthole ukuthi akakwazi ukwenza lokho okudingeka ukuba akwenze.
10. Akuzinyane lemvubu ladliwa izingwenya kwacweba iziziba.
– Akekho umuntu oke abulawe ngomunye umuntu kuthuleke nje kungaziwa ukkuthi wabulawa ngobani.
11. Akunyoka zakhwela zingenanyawo
– Awukwazi ukuthola impumelelo ngaphandle kokujuluka, kudingeka usebenze kanzima ukuze uphumelele.
12. Ingwenya idlela emsingeni
– Ubohlonipha omakhelwane noma umphakathi , ungenzi okubi phambi kwabo.
13. Inkonyane ithuka isisinga
– Ukwenza amaphutha ngesizathu sokuthi lokho osuke ukwenza awukajwayeli ukukwenza noma uyaqala ukukwenza.
14. Igwababa like liphathe umgobo unhlonyile ahawuke
– Kuyenzeka ukuthi ukuba umuntu ongelutho abenento umuntu ongcono angenayo. Lowo muntu ongcono agcine eyihawukela afise ukuba nayo naye
15. Isithukuthuku senja siphelela eboyeni
– Konke akwenzeyo akubongwa futhi akunconywa ngisho noma kukuhle kanjani
16. Uve isisila salo
– Ukuxwayisa umuntu owenza into ezunuye imfake enkingeni, noma imlimaze
17. Izwibela ladla indlovu
– Into encane eyedelelekayo ingaba yingozi kuwe ,ikulimaze
18. Inja yokuhamba ibindwa uqhotho
– Uma ungumuntu othanda ukuhamba , uwehla enyuka njalo, iyoze uzithole ususenkingeni ngaokhu kuhamba kwakho.
19. Ikhotha eyikhothayo engayikhothi iyagwaphuluza
-Umuntu usiza lowo aye athole usizo kuye , lowo ongakaze amsize umshaya indiva .
20. Inkawu idlala ngesikhwebu
– Lento anayo ayimfanele neze. Bakhona abangcono kubaye engabafanele
21. Izalele ethekethekeni
– Akusekho lutho oludliwayo noma oluphuzwayo sekuphele du
22. Umvundla ziwunqanda phambili
– Uma ungumuntu owenza okubi kwabanye abantu nawe uyoze ubathole ontangayakho abayokwenza into efanayo
23. Inkukhu isinqunywe umlomo
– Akusekho angabe esakusho ,usehlulekile ukuzivikela
24. Iyagodla nxa igqulwa , yehlise nxa inxenxwa
– Uma ucela usizo komunye umuntu kudingeka ukuba uncenge , uma ungancengi ngeke uluthole lolo sizo
25. Kubhaxulana oxamu
– Kushiwo uma abantu ababili bethandana, bobabili bebabi , kungekho omuhle phakathi kwabo.
26. Imbuzi ilele phezu kwezinyane
– Umzali usuke evikela ingane yakhe ezenzweni zayo ezimbi.
27 . Inkonyane yomgakla yeqa lapho kweqe khona unina
– Ingane yenza izinto ezibona zenziwa umzali wayo. Kungaba ngezimbi noma ngezinhle
28.Ngumhlambi kazelusile
– Bayazenzela nje ekhaya . Akekho obabhekile .
29. Inkunzi isematholeni
– Abaholi bakusasa basezinganeni ezikhulayo
30. Ikhaba abayisengayo
– Into yonakala  ngisho noma yenziwa yilabo asebajwayele ukuyenza . Incazelo yaso iyefana neyesithi ” Nelengqwele nalo liyopha “
31. Imamba iyazichobozela amaqanda ayo
– Umzali uyazikhulisela izingane zakhe
32.Ikati lilele eziko
-Akukho kudla lapha ekhaya. Ibhokile inkemane
33. Imbuzi igudla iguma
– Kushiwo umuntu ofuna usizo kwabanye kodwa engaphumeli obala asho lokho afisa ukukuthola kulabo bantu
34. Imbila yaswela umsila umsila ngokulayezela
–  Uma uthanda ukuthumela noma ukwenzelwa ngeke ube nalutho empilweni.
35. Ibuzi laziwa umlaleli
– Ukuze wazi ngento ethile kumele uzihluphe ngaleyonto. Uma ungazihluphi ngeke uze wazi
36. Inyoka ayishaywa isibili ikhanda lingakabonwa
– Ungabokwenza into engase ibe yingozi kuwe. Ubobheka kuqala ukuthi abukho yini ubungozi.
37. Inhlwa ayibanjwa ngekhanda
Kuxwayiswa abathanda ukugagamela izinto
38. Akujojo owamila isisila wabonakala
– Umuntu owenza okuhle akuvamile ukuba anconywe ngemisebenzi yakhe emihle. Abantu bayishaya indiva imisebenzi yakhe emihle.
39. Umswane wembabala awungeniswa ekhaya
– Lesi saga sisetshenziswa kakhulu uma kuayalwa insizwa eganwayo. Sichaza ukuthi ungaziletheli into engase ibe yinkinga kuwe
40.Ithi ingangcuthuka isisila ihlekwe
– Umuntu omi kahle uye ahlekwe uma esehlupheka noma izinto sezingasamhambeli kahle
41. Ithi ihamba idle idaka
– Umuntu uyahlupheka ekuhambeni , uma eselambile udla nanoma yini ayinikwayo
42. Akungwe ingenabala elimnyama
– Noma umuntu engaba muhle kanjani kodwa unaso isici esibonwa nguye wonke umuntu. Kubuye kuthiwe ‘ Akusoka lingenasici”
43. Uxamu uthukela esizibeni
– Lesi saga sitshenziswa makuphuzwa utshwala. Phuza ngamandla wethu kungaze kufike abanye
44. Akunsimba yazuza ibuzi ngokuhlala
– Ngeke uthole lutho ngokuhlala nje ungenzi lutho. Kudingeka kubenento oyenzayo ukuze uphumelele.
45. Wakhahlelwa yiHhashi esifubeni
– Uyahluka ukugcina imfihlo
46. Inkomo enomlomo ayinamasi
– Umuntu owande kakhulu ngomlomo ezincoma ngalokhu nalokhuya uvama ukuba yisahluleki
47 . Inhloko idlelwa ebandla
– Uma unenkinga kuyaye kube kuhle ukina leyo nkinga yakho uyethule kwabanye kuxoxwe ngayo, kutholwe isixazululo. Kubuye kuthiwe ” Injobo enhle ithungelwa ebandla”
48. Enethunga kayisengeli phansi
– Akulungile ukuthi umuntu enento ethile bese leyonto ithathwe ngabanye abantu bazisebenzisele yena asale ehlupheka.
49. Umbala uchacha enkonyaneni
– Kulula ukuba ukuthi ingane izalwa ngabazali abanjani uma ulandela ukuziphatha kwayo.
50. Uchakide uhlolile imamba yalukile
– Akukho muntu oqaphile. Ngakho- ke abasele bayazenzela nje , bazenzela umathanda .
51. Ithole likhula namafutha alo
– Ingane ikhula nezenzo zayo. Kungaba ngezimbi noma ngezinhle
52. Imfene igijima emini
– Kusuke kukhulunywa ngendawo lapho kwande khona abathakathi
53. Inzimakazi izala ilungakazi
– Kuyenzeka umzali azale izingane kodwa lezo zingane zingamfuzi ngezenzo
54. Kubaleka ehlatshwayo
– Uma umuntu ezithola esengozini kudingeka enze imizamo yokusindisa impilo yakhe.
55. Inkomo isengwa ngoyaziyo
– Ukuze into eyenziwayo ilunge kudingeka yenziwe ngoyaziyo ukuze isheshe ilunge.
56.Inkomo enhle ilala ehlangeni
– Umuntu uyayejwayela indawo lapho aye afike athole kuyo ukuphatheka kahle,ahlale kamnandi , anethezeke.
57.Inkomazi ithotshwa ingakazali
– Izinto masenziwe isikhathi sisekhona,sisavuma
58. Ithi ingadla ithambo yejwayele
– Uma uyajwayela lapho aye athole khoma usizo. Njalo uma edinga usizo uye angesabi ukubuyela ayocela olunye usizo.
59. Ayikhonkothi nethambo
– Uma kuphuzwa utshwala akukuhle ukuba umuntu athathe ukhamba aluphakamise bese equbeka nenkulumo ukhamba kusezandleni
60. Inkunzi iyazibeka
– Izenzo ezinhle zomuntu osemncane ezinhle yizona ezimenza abengumuntu ohloniphekile ,athandeke emphakathini
61. Uchakide usiheha ngesibhelu isikhukhukazi
–  Ukuze uthole okuhle komunye umuntu kudingeka ukuba nawe umenzele ukuhle lowo muntu  ukuze naye akunike okuhle.
62. Zibanjwa zisemaphuphu
– Ingane iyalwa isencane
IZAGA EZIPHATHELENE NEZITSHALO NEMITHI:
1. Umzungulu ubopha womili
– Ungamedeleli umuntu ngoba umbona ebuthakathaka engenawo amandla
2. Awumbiwa ndawonye
– Amasu namaqhinga okwenza into eyodwa awefani .
3 . Ameva ayabangulana
– Abantu bayasizana . Omunye uthola usizo komunye ,omunye naye aluthole komunye . Kubuye kuthiwa ” Izandla ziyagezana”
4 . Umuthi ugotshwa usemanzi
– Ingane kudingeka ifundiswe ukuziphatha kahle isencane ukuze ingabi umdlwembe uma isikhulile. Siyefana nesithi “Zibanjwa zisemaphuphu”
5. Umthente uhlaba usamila
– Ingane ikhombisa izimpawu zalokho eyoba yikhona isakhula nje ,isencane
6. Amathanga ahlanzela abanganemabhodwe
–  Kuyenzeka ukuthi umuntu abe nenhlanhla yokuthula izinto ezinhle kodwa yena engazihluphi ngazo lezo zinto .
7. Liwashaya evuthiwe
– Kuyenzeka ukuthi into eyenziwayo ivele yonakale nje ekugcineni ,abantu sebethembile ukuthi isiyalunga.
8 . Induku eqinile imila esiweni
– Into enosizo itholakala kanzima . Ngeke uyithole kalula nje
9. Inkovu iphuma ethangeni
– Ingane iye ifuze abazali bayo ngokwenza izinto
10. Umvunisi ubuya nengqobe
– Ungangeni ezinkulumeni zabantu ngoba ngokwenze njalo ungazithola sewusenkingeni
11. Umthathe uzala umlotha
– Umuntu ohloniphikile ,onemisebenzi encomekayo kuyenzeka azale ingane engumdlwembe ,futhi eyisahluleki
12. Insema isimi ngokhande
– Kushiwo umuntu osehlulekile kulokho akade ekwenza . Kwesinye isikhathi kusho ukuthi usedalulekile , lokho abekwenza sekubonwa yinoma ubani.
13. Ibele lendlela kalivuthwa
– Umuntu ohlala eohazanyiswa kulokho akwenzayo akabi nayo impumelelo.
14. Kalathenjwa ikhaba
– Uma wenza into ethile ungakhohliswa izimpawu zokuthi isiyalunga. Kungenzeka yonakale ekugcineni
15. Uthanga luhamba ngomnyombo walo
– Ngabantu bozalo lwalowo mndeni okufanele bakhulume , badingide izindaba zomndeni .Ngokunjalo ifa nefa lidliwa ngabozalo lwalowo mndeni
16. Imbewu ihlalela ihlanga layo
– Uma kukhona okudinga okwenziwa,lokho akwenziwe ngisikhathi sakho.
17. Kubhulwa olwakwasilima uphoko
– Umuntu uzithulele nobukeka edelelekile abantu bayaye bazenzele umathanda kuye
18. Isihlahla sifa nezimpande zaso
– Kuvamile ukuthi uma umuntu esefa konke okwakhe kusale kumlandela.
19. Inhlwanyelo ithekelwa kubangane
– Uma udinga usizo lucele kubangane, izihlobo noma kulabo abawusiso kuwe
20. Kufa khaba kufe mqumbi
– Ukufa akukhethi. Kuthatha abadala kuthathe nabancane
21. Injalo iphuma edunjini
– Ingane iyamfuza umzali wayo.
22. Kugawulwa owaziwayo
– Umuntu owaziwayo nophumelele emphakathini abantu bayaye bamfele umona . Abanye bafise nokumlimaza
Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo