Nzimakwe

AbakwaNzimakwe
Abantu bakwaNzimakwe bangabeSuthu ngokwendabuko. Ukhokho walaba bantu bakwaNzimakwe kwakunguMachi igama lakhe, lendoda yayiphila kudala kakhulu kanti ibuye ibe ukhokho wabantu bakwaXolo,Dlezi,Phehlukwayo, Machi, Ngutshana, Sabela nabanye. Laba bantu bakwaNzimakwe babuye baziwe‎ ngokuthi bangaMaphehlukwayo nokuligama likakhokho wabo okuthiwa wayengomunye wamadodana kaNzimakwe. Elinye igama likaMachi kwakunguNtamonde. UMachi endlini yasekhohlo wazala Thango owazala uMbokodo owazala uNdaba owazala uNzimakwe. Kwenye indlu uNdaba wazala uDlezi noNgcukama. Endlunkulu uMachi wazala uNgeleka owazala abakwaChezi kanye nabakwaMachi. Ngenkathi isizwe samaPhehlukwayo sifika kwaZulu saqala sazinza ngaseHighflats endaweni yaseNtimbankulu. Nakhona abahlalanga isikhathi eside kuleya ndawo, bashesha bafudukela ngaseMtwentweni ngaseningizimu yomfula uMzimkhulu. Ohambweni lwabo babekade bakanye nabakwaNgceleka,Machi, Chezi, Xolo, nabakwaDlezi. AbakwaNzimakwe baphinda bafuduka sebebodwa bawela umfula uMpenjathi bayokwakha endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaNzimakwe enyakatho yedolobha i-Port Edward. ‎AbakwaMachi bagcina bezinze endaweni eyaziwa ngokuthi ikwaMachi buqamama nedolobha laseHarding

Kwathi ngonyaka ka 1842 inkosi yamaJali(Ngcolosi) uMphikwa Jali yawela uMthavuna yayocela ukusikelwa indawo yokwakha esizweni saMachi. Nempela yayithola indawo yokwakha iyisikelwa yinkosi uMbonwa Machi eyabe ibusa isizwe sakwaMachi ngaleso sikhathi.

Izithakazelo zakwaNzimakwe
Phehlukwayo 
Chenge
Mbumba 
Nyawo zimhlophe
Joba
 


Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo