Madlala

AbakwaMadlala
Njenje wazala 
USomagodla ozihasho zithi ‘Somagodla owagodla ingwe nengonyama’
Yena wazala
USozabe owazala 
UNengu noMajola                   
UNengu wazala uQoma owazala uZamisa                  
Zamisa wazala        uGodongwana 
UGodongwana wazala Mashaba          
Mashaba ( wamzala ngoNongayiyana)
UMajola wazala owazala uGaju owazala uNdlovu noMatomela
Ngokusho kwezingwevu zakwaMadlala esixoxisane nazo kuthiwa ngesikhathi iNgonyama uShaka ihlanganisa izizwe zabeNguni abantu bakwaMadlala babeholwa inkosi uGodongwane .Kuthiwa iNgonyama uShaka yayibakhonze  kakhulu abantu bakwaMadlala  ngenxa yokondleka kwabo, kuthiwa izinsizwa zakhona kwakuyizidlakela. Ngaleso sizathu -ke iLembe lalibenza babe ngamafolosi empi yalo, babe sekhaleni. Iningi lezinsizwa zakwaMadlala zazibuthelwe ebuthweni loFasimba ngaphansi kwenduna uMdlaka kaSodumase Langa.
Ngemuva kokukhothama kweLembe inkosi uGodongwane nesizwe sayo sakwaMadlala balifulathela elakwaZulu basingisa amabombo endaweni yasePhithamalizibheki. Kuleya ndawo bafike bakhelana nenye ingxenye yaMachunu eyayikade iluqhamukise ngaseThalaneni phakathi kweNkandla noMzinyathi ibalekela ulaka lweLembe ngemuva kokuhlasela inkosi uMacingwane waseNgonyameni. Sengathi lezi zizwe zombili azizange zikwazi ukuhlalisana kahle ngoba ngemuva kwesikhasana nje abantu benkosi uGongwane befike kuleya ndawo kwaqubuka enkulu impi phakathi kwabo naMachunu ngaphansi kwenkosi uPhakade. Kuleyo mpi kwanqotshwa isizwe senkosi uGodongwana sabaleka saphikelela ngaseMngeni buqamama nalapho kwakwakhe khona isizwe sakwaZondi. Nakhona eMngeni kwaba yiso leso, kwaqubuka impi phakathi kwesizwe senkosi uGodongwane kanye nesizwe senkosi uJangeni Zondi. Kuleyo mpi yagoba uphondo eyenkosi uGodongwane. Imiphumela yaleyo mpi yaphoqa ukuthi inkosi uGodongwane iphinde ifuduke nesizwe sayo,yahamba-ke yaze yayomisa endaweni yakwaNzimakwe ngaseZingolweni. Kuleya ndawo inkosi uGodongwane yafika isidunguzela . Ngenkathi abakwaMadlala befika kuleya ndawo yakwaNzimakwe babeyifice ikhungethwe yizimpi, aMampondo elwa wodwa. Kodwa bakwazi ukuhlala iminyaka ethi mayibe mihlanu. Inkosi uGodongwane yakhothamela khona kwelaMampondo . ‎Kuthiwa yakhothama ngonyaka ka 1852.Inkosi uGodongwa yakhothama ingazange ingenayo ingane yomfana ngakho-ke ubukhosi ngemuva kokukhothama kwakhe ubukhosi bakwaMadlala bawela endlini yaseKhohlo kuLugaju kaNtshingana kaMajola kaSozabe
Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uGodongwnae isizwe saholwa nguLugaju /Gaju owayeyiKhohlo. Ngesikhathi sombuso wakhe isizwe safuduka sabhekisa amabombo endaweni yaseMzumbe, izwe labo lalisuka khona eMzumbe lize liyofika ngaseMzimkhulu.  Inkosi uLugaju‎.
Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uGaju isizwe sabuswa nguNdlovu indodana endala yenkosi uGaju eyayizalwa umdlunkulu uMaGumede. 
UKaMevana Phungula owabe eyinkosikazi yenkosi uGodongwane wangenwa uNongayiyana kwazalawa umntwana womfana uMashaba. Kodwa kukhona abathi kwakungekhona ukungena kepha kwakuwukuphinga ngoba uNongayiyana wangeyena owakwaMadlala futhi wayengahlobene nabo.  
Inkosi uGaju yaphinde yaganwa ukaKane udadewabo kaPathwa inkosi yesizwe sakwaXolo.
UkaKane wazala uMatomela.  
Inkosi uNdlovu yakhothama mhla zingama 3 kuMbasa 1896. Kwathi ngemuva kokukhothama kwayo isizwe saqoka umfowabo wenkosi uNdlovu ukuthi abe yiBambabukhosi ebambele indodana yenkosi uNdlovu eyabe isencane ngaleso sikhathi. Kwathi mhla zingama 4 kuNtulikazi uMbendleni kanye namanye amalungu omndeni aphikelela eMalizibheki eyozicelela embusweni wamaPhumali‎mi ukuthi ubeke uMatomela njengenkosi yabakwaMadlala ngoba wayezalwa inkosi uGaju futhi ezalwa intombi yasebukhosini bakwaXolo.Nempela avuma amaphumalimi, walandwa uMatomela ekhokonina kwaXolo lapho ayekhulele khona wazothabatha izintambo zombuso. UMatomela wagcotshwa njengenkosi yabakwaMadlala mhla zingama 1896 kodwa wabuye wehliswa futhi esihlalweni ngesizathu sokuthi wayezimbandakanye noZulu empini kaBhambatha kaMancinza. Wehliswa mhla zingama11 kuMandulo 1906. 
Kwathi ngemuva kokwehliswa kwakhe amaphumalimi abeka uMsebenzi owayengenye yamadodana enkosi uGaju ukuthi abe yiBambabukhosi.   Kwathi ngonyaka ka1925 amaphumalimi abeka u Mbogoyi kaGaju    njengenkosi yesizwe sakwaMadlala ngaleso sikhathi indodana kaMatomela uNyoniyezwe yabe isencane. 
UNyoniyezwe uze wabekwa ngonyaka ka 1936 kodwa wabuye wehliswa futhi ngonyaka ka 1937 ngesizathu sokushaya alimaze unkosikazi wakhe. Ngo 1939 kwabekwa uMdlangazwa kaMashaba owakhothama ngonyaka ka 1982. Ngemuva kokukhothama kwakhe kwaqubuka umbango phakathi kuka Mandlakayise kaNyoniyezwe kanye no Bhekubukhosi kaMdlangazwa. 
Engxoxweni yethu sibe sesibuza mayelana nokuhlobana kwabantu bakwaMadlala kanye nabakwaBhengu. Eqinisweni kuthiwa abukho ubuhlobo phakathi kwalezi zizwe. Ngowami umbono ngibona sengathi abantu noma ngithi oSolwazi badidwa igama likaNengu kaSozabe. Baliphambanisa nelikaBhengu.  
U
Ukhokho wabo bonke oMadlala ngu ‎Njenje owazala uSomagodla owazala uSozabe owazala oNengu noMajola. UMajola wazala oMajola baseKoloni abangahlobene nabaseMachunwini. 

Ake ngime lapho nina boQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo!
  

Izithakazelo zakwaMdlala

Hlokohloko, Sishi
Khabalidqka,Mpumuza
Sozabe
Nodlomo
Dlobeni
Nina enadla inhlunu niyililela
Somagodla owagodla ingwe nengonyama
Mabiya ngothuli amahlahla ehlezi

#kulobe iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo