Mashabane

Abantu bakwaMashabane bangabantu baseBuThonga .Bakanye nabantu bakwaGumede kaManukuza [hhayi owakwaQwabe]kanye nabakwaTembe . Kuthiwa ngabantu baseBuThonga nje ngoba bezalwa yindoda eyayiziwa ngokuthi nguMthonga kaNkalane kaSidlondlo . UMthonga lona ubuye abe ngukhokho wabantu bakwaTembe .Igama likaMthonga lachuma kakhulu kwaba sengathi amaThonga kwakuyingxenye yabantu bakwaTembe kuphela kanti uMthonga wayenguKhokho wabantu abaningi .UMthonga noNgwane baqhamuke enyakatho enkabazwe yezwekazi laseAfrika .UMashabane kaNkalana kaMthonga wagcina esezinze endaweni yakwaZulu. Ngenkathi uMashabane esuka endaweni lapho osekuseSwazini khona umuntu owayebusa abakwaTembe kwakunguMangobe .Inkosi uMangobe yayakhe phakathi kwemifula uSuthu noMtembe ngokuyela ngasenyakatho kwalapho uPhongolo lungenela khona umfula uSuthu .Ngaso leso sikhathi indlunkulu yabakwaTembe nayo yayizinze  phakathi koMtembe noSuthu ngasenyakatho mpumalanga yalapho kwakuzinze khona uMabhudu nabalandeli bakhe indawo yabo eyayize iyovinjwa ulwandle lwaseNdiya eMpumalanga .UMabhudu lona kwabe kuyindodana kaMangobe okwaba nguyena owathatha ubukhosi ekukhothamemi kukaYise uMangobe .

Ngesikhathi abakwaTembe bebuswa nguMangobe -uMangobe wabela amadodana akhe izindawo.UManyela wamabela  indawo phakathi koSuthu noMtembe okuyindawo uMangobe ayehlala kuyo .UMabhudu wamabela indawo esesandleni sokudla komfula uSuthu noPhongolo. Lokhu kwenzeka nje abakwaMashabane sebakhe kuyo indawo eyabelwa uMabhudu bebuswa nguManaba.Akuzange kubheduke mpi ngoba abakwaMashabane basuka esendeni lomuntu oyedwa ,uMthonga .UMabhudu wagcina ewele umfula uSuthu abakwaMashabane baphikelela  eningizimu lapho isizwe sabo sizinze khona .Umlando usisthela ukuthi wonke amakhosi akwaMabhudu noma awakwaTembe awakaze abahlasele abakwaMashabane ngenxa yobuhlobo obudala phakathi kwabo . Kuze kwathi sekubusa uJininindi kwaZulu uNoziyingili wathumela impi yathumba izinkomo eziningi uManaba inkosi yabakwaMashabane eyahamba nazo .Kusukela ngaleso sikhathi amakhosi akwaMabhudu athatha indawo enkulu yesizwe sakwaMashabane .Inkosi uManaba yabakwaMashabane yakhothama ngokubulawa ngabakwaNyawo sekubusa uMamonga woSuthu kwaZulu.

UKWELAMANA KWABAKWAMASHABANE :


-UMthonga wazala uNkalana

-UNkalana wazala uSidlondlo owazala uMashabane

-UMashabana wazala uManukuza.

-UManukuza wazala uGumede, uJobe ,uNongcola , uMantinti kanye noMakhasa.

-UGumede kaManukuza wazala uTiliba noMhlanga.

-UTiliba wazala uMaduna owazala uGodi.

-UMahlangu yena wazala uManaba noMlilo.

-UManaba wazala uLuvico owazala uNdabazempi.

-UJobe kaManukuza wazala uThanga owazala uMmangaliso.

-UMmangaliso wazala uMsingaphansi owazala uZidlebe.

-UNongcola kaManukuza wazala uNgwana owazala uSiqakatha.

-USikatha wazala uMjindi.

-UMjindi wazala uNtshingwayo noMdabuka.

-UNtshingwayo wazala uNtenga..



UMsingaphansi esemncane isikhundla sobukhosi wasibanjelwa  nguFokothi umfowabo nowamzalela uZidlele ngokungena umkhakhe kwazise washona umkhakhe engakatholi zingane 




Izithakazelo zakwaMashabane 


Mashabane
Nkundlande
Mkhon’omude oph’abalambayo oncish’abasuthi,
Gumede kaManukuza,

Abantu bakwaMashabane basabalele izwe lonke laseNingizimu Afrika , bakhona nabangamaShangane abatholakala esifundazweni saseMpumalanga koGiyane nakoThoyando.Bayatholakala futhi nasezweni laseZimbabwe .

Izibongo ezihlobene nesakwaMashabane

-Tembe

-Mabhudu

-Gumede kaManukuza

-Manaba

-MogaliMuhali

-nezinye izibongo 

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo