Mbhele

Abantu bakwaMbhele noma ngithi abantu  baseMabheleni  bazalwa indoda ogama layo kunguBhele  indodana kaDlamini wesibili. UBhele lona wayelamana noZingili noNkosi II ogcine ezala abantu baseMaHlutshini . Ngingasho nje ukthi laba bantu bakwaMbhele bahlobene kakhulu nabantu baseMahlutshini kanye nabakwaDlamini ize iningi labo lingasabazisi kakhulu  lobu buhlobo balezi zibongo ezintathu.UZingili uzala isizwe samaZingili,uBhele yena uzale esaMabhele ;

-UBhele wazala uZondi

-UZondi wazala uLanga

-ULanga wazala uMafu[hhayi owaseMangweni]

-UMafu wazala uDubandlela ,uGudlindlu noKhuboni [okwavela ngaye isibongo sakwaKhuboni]

-UKhoboni wazala uMamba

-UMamba wazala uDibandlela

-UDibandlela wazala uDlomo

-UDlomo wazala uQunta

-UQunta wazala uNdombo

-UNdombo wazala uNoxhaka

Izindlu zobukhosi maMabhele:

1.Indlu yaseMzumbe:

-UMabika uzale uNkondlwana

-UNkondlwana uzale uSibewu

-USibewu wazala uBangizwe

-UBangizwe wazala uMfimfitha

-UMfimfitha wazala uMandlakhe 

-UMandlakhe odlule emhlabeni kwabamba undlunkulu wakhe ,namanje usabambile

2.Indlu yaseMzinto :

-UZondi uzale uLanga

-ULanga wazala uNsele

-UNsele wazala uMbhele
 
-UMbele uzale uGudlindlu II

-UGudlindlu II uzale uShoba

-UShoba uzale uMncindo

-UMncindo wazala uNombayingana

-UNombayingana wazala uDingiswayo

-Dingiswayo wazala uVela

-UVela wazala uLangalesizwe

-ULangalesizwe wazala  iNkosi uElvis Sikhulekile Mbhele :

3. Indlu yakwaMaphuthu eNkandla:

-UMbhele uzale uMafu II

-UMafu II wazala uDubandlela II

-UDubandlela wazala uNomane

-UNomane wazala uDlambule

-UDlambule wazala uNtshangase [hhayi owesibongo]

-UNtshangase wazala uSonani owazala uKhawulela inkosi ebusayo namuhla.

4.Indlu yakwaMphumulo [abakwaKhuboni]

-UKhuboni uzale uMamba

-UMamba wazala uDubandlela

-UDubandlela wazala uDlomo

-UDlomo wazala uQunta

-UQunta wazala uNdombo

-UNdombo wazala uNoxhaka

-UNoxhaka wazala uGilbert ozala iNkosi uProtas

5.Indlu yakwaNontshingila e-Mzimkhulu:

-UNontshingila uzale uSogabasi

-USogabasi wazala uToto

-UToto wazala uShukumisa

-UShukumisa wazala uMahleka

-UMahleka wazala uMnyenyeza

-UMnyenyeza wazala iNkosi uPhikubuxoki

Izindlu zaMabhele akwaNtuli :

-UNontshingila uzale uMsalela

-UMsalela wazala uGuqa

-UGuqa wazala uSompisi[owagcina esebizwa ngelikaNkobe ngoba ekwazi ukugazinga izinkobe]

-USompisi wazala uGwatshaza ,uNdlela ,uMahawule ,uNdwane noBhibhi[indodakazi] uBhibhi wagana inkosi uSenzangakhona wazala uSigujana.

1.Indlu yakwaGodide eMfongosi :

-UNdlela uzale uGodide[iqhawe laseSandlwana]

-UGodide wazala uMaqhubandaba

-UMaqhubandaba wazala uNtulizwe

-UNtulizwe wazala uMzochithwayo

-UMzochithwayio wazala Kwazikwakhe

-UKwazikwakhe wazala iNkosi u-Andrias

2.Indlu kaNhliziyonhle ,eMbongolwane[eyeMboza]:

-UMavumengwane uzale uMfungelwa

-UMfungelwa wazala uGqokinsimbi

-UGqokinsimbi wazala uMzungezi

-UMzungezi wazala iNkosi uSthembiso ebusayo

3. Indlu yakwaBizimali kwaNgono :

-UMahawukela uzale uMngeni

-UMngeni wazala uKwebana noMbuzo . UKwebana usale empini engayicoshanga inzalo ubukhosi bathathwa nguMbuzo .

-UMbuzo uzale uMaphoyisa

-UMaphoyisa uzale uMqunduzi

-UMqunduzi wazala uGlozela

-UGolozela uzale uBizimali

-UBizimali uzale iNkosi uPhokwakhe obesabanjelwe nguyise omncane uPhansikwezinyawo

4.Indlu yakwaMkhonto kwaMaphumulo  :

-UMponjwana uzale uGazide

-UGazide wazala uNtwananhle

-UNtwananhle wazala uMkhonto

-UMkhonto wazala uGobizembe

-UGobizembe wazala uMaqhiwana

-UMaqhiwana wazala uGazide II

-UGazide wazala uMphezeni noMbekeni

-UMphezeni akayitholanga inzalo

-Osesihlalweni njengamanje yiNkosi uMbekeni :

*Umlando usitshela ukthi abantu bakwaMbhele babedume ngokudla abantu , bengamazimuzimu. Abantu bakwaMbhele kwaba ngeside isikhathi baziwa ngokuthi bangamazimuzimu behlala endaweni yabo okwakuthiwa kuseLenge. ILenge lena yintaba eseMnambithi ezansi nomfula iWashibhange, ibhekane nentaba yaseMhlumayo. Ngesilungu le ntaba yaseLenge kuthiwa yiJobstown. Kwakunemigede kuleya ndawo. Kuthiwa laba bantu kabaqalanga baba ngamazimuzimu, kodwa benziwa yisimo sendlala, kwathi ngenxa yokuntuleka kokudla baqala badlana bodwa kwaze kwathi nabantu abedlula ngendlela bangena ogibeni lokuthi badliwa ngabantu baseMabheleni .Kwaqala lapho-ke ukuba kuthiwe ngamazimuzimu. Kuze kwathi ngesikhathi senkosi uSenzangakhona kaJama yaqala yabacela laba bantu ukuba baphume emigedeni yasentabeni yaseLenge, bahlale nabantu. Umholi wamazimuzimu ngaleso sikhathi kwakunguSompisi kaGuqa .Nguyena owabona ukuthi akulungi lokhu okwenziwa ngaMabhele, ukuthi adlane wodwa, wase ebaleka nabanye ababengakuthandi nabo lokhu, bawela uMzinyathi bayokhonza kwaZulu ngaphansi kukaSenzangakhona. 

 Umuntu ogqame kakhulu kulababantu, nguSompisi kaGuqa kaMsalela kaNontshingila. USompisi ubengahambisani nokudla abantu. Usuke nabanye abebengahambisani nalowo mkhuba, behla nezwe bazokhonza KwaZulu kuSenzangakhona kaJama. Ngesikhathi beza KwaZulu, bebeqhuba izinkomo zabo babonakala ngezintuli ebezisuswa yizinkomo. Phakathi kwezingane zikaSompisi ayehamba nazo singabala inkosana yakhe, uGwatshaza, uNdlela, uMahawule noBhibhi indodakazi. UNdwane uzalelwe KwaZulu. Kuthe besanda ukufika KwaZulu inkosana uGwatshaza yashona.
Ekufikeni kukaSompisi KwaZulu, uzakhele igama eNkosini uSenzangakhona. Ngesikhathi ezocela indawo ezokhonza enkosini, imbuze ukuthi ungubani, zayichazela izinduna zayo inkosi ukuthi ungumholi walaba bantu ababonakele ngezintuli ngesikhathi behla ezintabeni nezinkomo zabo. Inkosi uSenzangakhona ithe “O! NingabakwaNtuli zankomo.”

Kusukela lapho ke kwabe sekuthiwa ngabakwaNtuli. Njengoba kushiwo ukuthi uSompisi uzakhele igama eNdlunkulu kwazise wayenobuciko bokupheka izinkobe nenyama. Ugcine esephekela iNkosi uSenzangakhona lapho wazithola esebizwa ngoNkobe. UBhibhi indodakazi kaSompisi, igcine igana inkosi uSenzangakhona, yazala uSigujana nendodakazi uNomqotho ogane iNkosi uMlandelwa wakwaMthethwa.

USigujana uhlale esihlalweni sobukhosi ngemuva kokukhothama kweNkosi uSenzangakhona kodwa akahlalanga isikhathi eside ngoba ubulawe kwangena umnewabo uShaka. USigujana ubulawe nguNgwadi kaGendeyana waseMaMbedwini, engumfowabo weLembe ngonina uNandi. UNdlela kaSompisi ekufeni komnewabo uGwatshaza, nguyena obeyinkosana. Inkosi uSenzangakhona imbuthele ebuthweni leNtontela.

AbakwaShabangu :

Abantu bakwaShabangu baphuma kubantu bakwaMbhele , bekunendoda yakwaMbhele ebibuya iphindelela izofuna uyise ayihlomulele emfuyweni yakhe. Kuthe isibuya okwesithathu, uyise wakhuza wababaza ethi: “Kanti uyashabanga manje wena ndodana?” Wayeqonde ukuthi iyabagebenga noma iyabaqola ngoba phela ukushabanga kusho ukuqola. Kusuka lapho ke, lendoda kwaba nguShabangu, nabantwana bonke bendlu yayo babe ngabakwaShabangu.

UNdlela kaSompisi :

Kukhona noNdlela kaSompisi wayebambe elikhulu iqhaza embusweni waKwaZulu ngoba nguyena osindise umntwana uMpande ekusocongweni yiSilo uDingane. UNdlela kaSompisi ube ngomunye wezinduna zeSilo iLembe. Ngesikhathi sekubusa iNdunduma yaseMgungundlovu inkosi uDingane, ube ngundunankulu wayo nezimpi ayezikhipha zinqoba, ngaphandle kweyaseNcome neyaseMaqongqo eMagudu. Kulezo zimpi yehlulwa eyeSilo saseMgungundlovu. KwaMbhele kuphuma oShabangu, oNtuli, oKhuboni, oMdletshe noMakwasa. Kanti futhi kukhona namanye aMaBhele aseSwazini naseZimbabwe.

UNdlela noma ezokhumbuleka kakhulu esigemegemeni sikaDingane lapho abulala amaBhunu ayeholwa nguNkamunda wawo uPiet Retief ngoNhlolanja ziyisithupha. Nalapho amabutho kaDingane abulala khona insalela yaMabhunu kwaNobamba. Kodwa uNdlela walwa kakhulu ezimpini zikaShaka lapho wake wagwazwa amanxeba egcwala umzimba. Bamshiya bethi ufile kanti cha uzovuka umfokaNkobe. UNdlela yena-ke wazala uGodide naye owafa elwela inkosi yakhe. Sizokhumbula ukthi uGodide ufele laphaya Ondini Olumahlikihlikana, ebulawa yimpi kaZibhebhu kaMaphitha eyayizobhubhisa inkosi uCetshwayo kaMpande.
UGodide kaNdlela wafela lapho kanye nezinye izikhulu zikaZulu ezifana noSekethwayo wakwaMdlalose abaQulusini, phela bafa ngoMaquba noma ngithi uNtulikazi(July)zingamashumi amabili nanye kunyaka wenkulungwane namakhulu ayisishiyagalombili, namashumi ayisishiyagalombili nantathu(21 July 1883).
 
UNdlela wafa ebulawa yiSilo saseMgungundovu inkosi u-Dingane ebulawelwa ukuthi usindise inkosi uMpande. Kuthiwa uMbomboshe wamklinya ngentambo waze wafa .
 
Izibongo zikaNdlela kaSompisi :
 

Gwabini ngemikhonto !
Unojiyelwa kulalwa,uhlangothi lubomvu
Umanxeba angamanxuluma
Insingizi edonda ukusuka
.

Umagaju ongangengwe
Uhlanga olweqa luphindelela
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika
Unababuyeli abangakanani
Ababuyela umuntu enza ngamabomu na?
Usonyakanyaka !
Umnyakanya owadukahela
Usilinda maNdwandwe
AmaNdwandwe akhawula amathe
Umwelela kweliphesheya
Umweli ,iwele yonke iNtontela
Umzaca osikhombisa amaNgwane
Usiquza abantu sakoGwabini
Kuse kwasala uNdlela !
Unakanaka mina ngiyasala
Umandlana angangawomntwana
Ugodo olumuka namaNkayiya
AmaNkayiya kaZwide
Uzinsonge zingapheshya koThukela
Umahlatshwa ebuhleni njengethole
Usihlahla vimbela iNtontela

Undaba zafika nqangi kuDlungwane noMbelebele
Unolusingana olungangakanani [usungulo]
Olungathunga uNdlela kaSompisi amanxeba ?
UNdlela kaSompisi kaGuqa
UGudukazi uyincwayo,

Wena owaphemba ngamakhand’amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Wen’owaseLenge,

Ibinda !

Izithakazelo zakwa-Mbhele

Godide,
Mphemba,
Ntuli,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand’amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla’abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang’elaphum’endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum’ endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!


Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo