AbakwaKheswa
Abantu bakwaKheswa babengabakwaHadebe; bengamaHlubi, behlala endaweni osekuyi-Utrecht manje. Babemunye noBhungane owayedume ngobunyanga, ephatha intelezi yempi eyayinamandla ayisimangaliso. Kuthiwa-ke yiyo le ntelezi eyabangela ukuthi iLembe lifise ukumgwinya uBhungane, limfake ngaphansi kombuso walo ukuze lithole le ntelezi. Nokho uBhungane wemba wambulula ngoba engathandi ukugwinywa umbuso weLembe. Kuthiwa-ke iLembe lachitha izandla lathi; “Hhiya myekeni uBhungane, usihlubukile”. Elokuhlubuka lahlala-ke kubantu bakwaZulu, base bebagcona ngokuthi bangamaHlubi abantubakaBhungane ngokuhlubuka kwabo .
Kulokho kubalekela umbuso weLembe, babaleka bayozinza endaweni yaseMtshezi. Kulendawo umndeni kaBhungane wahlala wodwana ezinkalweni owawungazejwayele. Kulokho kuhlala, nakho-ke sekuvela isigigaba esaba sibi. Emadodaneni kaBhungane kukhona amabili(angasakhumbuleki amagama awo, ngokwalabo esithole kubo lo mlando) angena ephutheni lokugila umkhuba nodadewabo. Umndeni wawaphendukela wawakhesa[ukukhesa is to undermine] la madodana ngenxa yalesi senzo sokugila umkhuba ekhaya. Kuthiwa-ke lanamathela kanjalo igama elithi bangoKheswa elalinokondisa ukuthi bangababandlululiwe noma okukhulunywa kabi ngabo.Kuthiwa lawo madodana aqembuka kanjalo-ke emndenini wakwaHadebe. Babelokhu bakhelene nabakwaHadebe nokho.
Yikho lokho kwakhelana okwenza ukuthi nabasebukhosi bakwaHadebe baphinde bathathe kwaKheswa
Batholakalaphi abakwaKheswa ::::::?????
Bakhona abakwaKheswa endaweni yaseMtshezi, futhi basakwazisa kakhulu ubuhlobo babo nabakwaHadebe. Kangangokuthi kukhona oHadebe abazithakazela ngoKheswa. Kanjalo noKheswa abazibiza ngoHadebe. Laba-ke kucabangeka ukuthi bona basala ngenkathi kubakhona ufuduko lwalabo abasuka ngenkathi kwehlukanwa. Bakhona futhi abakwaKheswa abatholakala eLesotho, kanye naseBloem. Bona-ke bazibiza ngoMadupe. OMadupe laba uma sebezithakazela bazibiza ngaye uNozulu noMpangazitha, okuveza ukuthi bangoKheswa abasala kwelabeSuthu ngaleziya zikhathi zofuduko.
Bakhona abakhonjwa endaweni yaseHerschel e-Eastern Cape. Bona abazibiza ngokuthi bangoKesa. Nabo laba futhi badaluleka ngokuzibiza ngoNozulu ukuthi banguye uKheswa.Bakhona abazinze ko-Alice nakoMatatiele. Baningi kakhulu abakwaKheswa eNingizimu
yesifundazwe sakwaZulu-Natal ezindaweni ezinjengo Harding, eSantombe, koMzimkhulu.Bakhona abaseChancele. Bayatholakala futhi naseXobho, KwaNokweja. Bakhona eFree State.Bakhona eMnambithi. Bayatholakala futhi naseSwazini. Laba-ke kucaca ukuthi kwathi umakusukwa ezinkalweni ezingakwelaBaqulusi, bona behla ngezinkalo baze bayozinza eSwazini.Ngenxa yokuhlala kulezi zindawo ezahlukene, selwaxuba impela nje ulimi olukhulunywa ngoNozulu. AbaseMzimkhulu nje bakhuluma olunesiXhosa. NabaseHarding bathi noma besikhuluma sithande ukuqonda isiZulu, kodwa bawelela kalula esiXhoseni uma bethanda.Bayasikwitiza nesiSuthu sikaMshweshwe belu! Ungacabangi ukuthi ungabahleba. Lokhokwenziwa ikakhulu ukuthi kwathi uma abakwaKheswa befika eLesotho, kwaba ukugoba amadlangala nje, akwangahlaleka, bakhukhula behla baphindela ezweni elingasemngceleni ongaphakathi kweNingizimu Afrika. Kodwa base bekufundile okuningi okwenziwa abeSuthu,njengolimi lwabo nje. Kulokhu kunyakaza kwabo kalula, kuhle sikhumbule belu ukuthi ngalezizikhathi zalo mlando, yayingakabibikho le mingcele ehlukanisa iLesotho neNingizimu Afrika.Ngakho-ke kwakulula ukuzidwanguzela ngomathanda.Okunye okuphawulekayo ngoNozulu mayelana nokusebenzisa izilimi, yikhono labo lokusebenzisa kalula izilimi zabokufika eningini labo. Bawelela kalula nje esiNgisini nasesiBhunwini uma kunesidingo. Sicabanga ukuthi kwenziwa ukungasenqeni isikole eninginilabo. Nakho-ke ukuthi indawo abakhulele kuyo ixube izinhlanga ezahlukene. KoMzimkhulu njemningi umphakathi okhuluma isiZulu, isiXhosa, isiSuthu, isiNgisi kanjalo nesiBhunu.
UMbangi wakwaKheswa ::
UMbangi wayengumnewabo kaNkongo Kheswa, uNkongo owaduma kakhulu ngemisebenziyakhe kwezenkolo, lapho ayeshumayela khona aphinde ahumushele abefundisi bebandlalamaWeseli.Le ndlu yacishe yashaywa yaqothulwa ekuhlaselweni okwenzeka ngakuQumbu, uMbangiethutha nomndeni wakhe elibangise kumfowabo uNkongo eThekwini. Imisalela yale ndluiyatholakala ngaseNhlangana nakwezinye izindawo. Ekuhlaselweni kwendlu kaMbangi,kwacishe kwavalwa ngehlahla, kwasinda kuphela amadodana akhe amathathu oBhebhe,uFandesi noSiphika, abanye abamazi ngoSitimela.UBhebhe wazala amadodana amabili, uMasongonyane noBly. Uma siqala ngendlukaMasongonyane (uTheophilus) kumi kanje; wazala abafana abane. UCampbell, u-Edgar,uGeorge, noNathaniel.UCampbell wazala uGoba no-Aubrey.UGeorge wazala u-Obadia, uMongi, uZenzele noBha
UNathaniel wazala indodana yaba nye, uMchumane.
Indlu yendodana yesibili kaBhebhe, uBly yona imi kanje:
uBly wazala amadodana ayisithupha:uGarnet, uDuToit, uMlungisi, uGerman, uMantu, uLanga noJongizulu.UGarnet wazala uMndundu.UDu Toit wazala indodakazi uNontuthuzelo.UMantu wazala indodakazi uNokuthula.ULanga wazala uMakheswandile.UJongizulu wazala indodakazi uNomkhitha.Indodana yesibili kaMbangi uFandesi yona ngeshwa ayitholanga bantwana.
Indlu yendodana yesithathu kaMbangi uSiphika yona imi kanje:
uSiphika wazala amadodanaamabili; uMeji noMayigcwali.UMeji wazala amadodana amane: uPopi, uSikhulisiwe, uKhayalethu noDumani.Mabili amadodana kaMeji athola abantwana: uKhayalethu noDumani.UKhayalethu wathola uMbulelo noSindiso.UDumani wathola uMandla, uNdumiso, uVuyile noNtlantlayethu
AbakaNkongo Kheswa
Le ndlu izinze endaweni yaseChamto. UWilliam Nkongo Kheswa wathola uMbiko(uMralijana) kunkosikazi wakhe wokuqala. Kunkosikazi wesibili uMaMbombo,wathola la madodana alandelayo: u-Eleazor, uZacharia (uZaki), uNotutsu, u-Obadia, uNtlanganiso noCumbela.UMbiko wazala uSibusiso noMlondolozi. USibusiso wazala uMalaclas,uNkosiyezwe, uSbonda noFalaza. UMalaclas wazala uS’fiso. Kwathi uNkosiyezwewazala uNtlantla.UZachariah wazala uSimphiwe, uJerome, uMzanywa, uJohn, uLatter, uJacob noMbuzonzima.
UNotutsu wazala uBomvana, uSandisa, uMsizi, uBhawini noMotolo.U-Omrie wazala u-Obed, u-Owen, noDavid.UCumbela wazala uJohn, uNdabazovuyo, noDawede.
AbakwaNgqengelele Kheswa
AbakaNgqengelele bona bazalana kanje:
uNozibhobo wazala uNtsimbini. UNtsimbini wazala uGobheni. UGobheni yena wazala uSahlulo,uSahlulo wazala uMqapheli. UZulu wazala uSebenza. USebenza wazala uJosiyasi. UJosiyasi wazala uHlohla. UHlohla wazala uSteward.UNtini wazala uStephen. UStephen wazala uMtshingo. UMtshingo wazala uSphiwe.UDavid wazala uDlayangana. UDlayangana wazala uZiphania. UZiphania wazala uSagila.UMphoqweni kuthiwa wamiselwa intombi eyamtholela uMadlakadlaka, yena-ke owathola uSixoleleni
AbakwaLuvuno Kheswa
Abale ndlu bazinze eSantombe. Laba abasakhumbuli ukuthi uLuvuno wayephila ngamiphi iminyaka. Abasakukhumbula kahle nokho ukuthiuLuvuno wazala uDlayedwa. UDlayedwa yena wazala uMlozula. UMlozula wazala uWezi. UWezi wazala uChithwa. UChithwa wazalaamadodana amathathu angoNgcaba, uBulinga noNgqengelele. UNgcaba wazala uMkodwa noMvunyelwa. Kwathi uBulinga wazalauMagwayi. UNgqengelele wabamba iqhaza elikhulu ekukhuliseni uzalo lukaLuvuno ngoba wazala ngempela nje, hhayi indaba yokuntela.Wazala izinsizwa eziyisithupha, engabalwa amadodakazi
Imikhutshana Namasiko AkwaKheswa::
Bakhona abakwaKheswa abagcaba izinhlanga ebusweni. Ziyizinhlanga ezingenkulu kakhulu njengalezo ezivame ukudekezwa yizizwe zamaMpondo. Zona zincanyana, kangakokuthi uma zigcatshwe umuntu onebala elizothile zicishe zingabonakali.Kodwa futhi abanye abazigcabile lezi zinhlanga. Sathi uma siqhwanda ukuthi lo mehluko wenziwa yini, kwavela ukuthi ingempela lawo akuwona owakwaKheswa. Babengagcabi kahle hle abakwaKheswa. Ukugcaba lokhu kwafika nabalobokazi ababebathatha ezizweniabakhelane nazo, ababegcabile. Ngokunganaki nje bethuka sewandisiwe nje nasemizini yakwaKheswa lo mkhuba wokugcaba izinhlanga.Kwagcina sekuwumkhutshana wakhona kwaKheswa ukugcaba.AbakwaKheswa esababona KwaNokweja bona bayachambusa. Hhayi ukuklekla kodwa. Benza izimbotshana ezincanyana nje ezitshutshwangenalithi yokuthunga izingubo. Le nhlobo yezimbobo ehamba ihambe ivaleke uma kungafakwangwa lutho kuzona.
Amaqhawe AkwaKheswa:
Phakathi kwamagama abantu agqame kakhulu kwaKheswa, singaqala ngelikaNkongo Kheswa, nelikamnewabo uMbanginemindeni yabo. Lezi zelamani zazalelwa endaweni engasemfuleni uTyume ngasezintabeni zaseMathole. (Kweminye imibhalo ekhulumangoNkongo, leli gama libhalwe kwathiwa uKongo.) Zakhulela lapho-ke lezi zelamani, uMbangi noNkongo. Kuthiwa uNkongo wayenekhanda elilula kakhulu, eshesha ukubamba izinto ayehlangabezana nazo empilweni. Yingakho nje asheshanokuwuhabula umoya wenkolo yobuKrestu. Wakhula waba uMvangeli nomhumushi eBandleni lamaWeseli. Waphinde waba uthisha. Lokhokukhalipha kwakhe kwenza ukuthi akhonzwe kakhulu abaShumayeli beVangeli abamhlophe. Bamthatha bahamba naye baya e-EastLondon. Emva kokuhlala isikhashana lapha babuye bakhukhula naye balibhekisa eThekwini. Wayesayoqhubeka nawo belu umsebenziwokufafaza ivangeli kanye nokuhumusha. EThekwini wasebenza noMfundisi uHolden. Wasebenza ngokuzikhandla okukhulu emphakathiniwezizwe ngezizwe wasedolobheni kanye namaBandla ehlukene kangangokuthi waze wahlonishwa ngesakhiwo sesonto laseWeseli. Lokhukuhlonishwa kuthiwa kwabangelwa ukuthi uyena muntu omnyama wokuqala owaba nguMvangeli nomhumushi eNatali iyonke. Empelenikuthiwa wabamba iqhaza elikhulu ekusunguleni nasekukhuliseni ukholo lobuKrestu endaweni yaseNatali, ikakhulu eBandleni lamaWeseli.Ngeshwa kwahamba kwahamba, yadilizwa leyo ndlu yesonto
UNkongo-ke, kwathi esethathe umhlalaphansi wazinza endaweni eyayisebukhosini bakwaDlamini, kwaFodo eNhlangwini. Kulapho atholanakhona nentombi yakwaJwara okwakuthiwa uLawukazi igama layo. Bazibula ngendodana uMralijana Mbiko Kheswa. Umlando uveza ukuthiuNkongo wabamba iqhaza elikhulu ekulamuleni izinxushunxushu ezaziphakathi kwabakwaDlamini namaBhaca. Wayezinikelekangangokuthi inkosikazi yakhe yafela kwenye yalezo zinxushunxushu, isha nendlu. Umlando uveza ukuthi wasebenza ngokuzikhandlaekhuza ukudweshulana okwakuphakathi kweNhlangwini namaBhaca
Badume Ngani AbakwaKheswa:???
Uma kulandelwa umlando wabakwaKheswa kuvela ukuthi bahlupheka kakhulu behamba bentunta behlala, besuka ezindaweni eziningi.Kuvela ukuthi bake bahlala eMtshezi lapho abafudulwa khona ngamabutho eLembe. Ekusukeni lapho, bafudukela eLesotho(kwelikaMoshoeshoe), nakhona kwaba ukugoba amadlangala nje babona ukuthi bahlaliswe amabutho abeSuthu ngesinqe esisodwa,bakhukhula behlela koMzimkhulu, koDumisa nase-Eastern Cape. Nesigameko sokuhlaselwa kukaMbangi sikhomba khona njalo ukujijimezwa kwesizwe sakwaKheswa.Kuzo zonke lezi zigameko zokusunduzwa kwabakwaKheswa kuphawuleka ukuthi bangabantu abalungile, abangezwani nezinxushunxushuzezimpi nemibango. Babexolela ukuzithungathela indawo entsha njalo nje uma besola ukuthi sekunenhlalo embi lapho ababekade behlelikhona.Nakho ukuthi kusukela emandulo kuze kube manje abakaze babe nabo ubukhosi, kukhomba khona njalo ukuthi abayibo abantu abathanda ukuqhoqhobala izikhundla. Uma umzekeliso wokukhipha inyama yekhethelo (okuthiwa kwakhethwa ngawo owayezoba yinkosi phakathikukaKheswa noBhungane) uyiqiniso, ufakazela khona ukuthi kwaba lula kanjani ukuthi bagweme umbango wobukhosi phakathi kwabonabakwaHadebe.Okunye okuphawulekayo ngabakwaKheswa ukuthi banekhono nesineke sokulamula. Lokho kufakazelwa kakhulu umlando kaNkongonoBhebhe. UNkongo wachitha isikhathi esiningi sempilo yakhe engumxazululi nomxhumanisi phakathi kwabamhlophe nezizwezabansundu ngokushumayela iVangeli lokuthula noxolo kanye nokuhumusha. Asidingi ukuchaza ngobumqoka beVangeli (lapho elalisetshenziswa khona kahle) ekudambiseni udlame nezimpi phakathi kwezizwe ezinsundu. Nekhono lakhe lokuhumusha lalisemqoka kakhulu ngoba lalakha ukuxhumana nobudlelwano phakathi kwezinhlanga ezazingeke zikwazi sanhlobo ukuxhumana ngaphandle kwakhe.Kuyavela nokwethembeka kwaKheswa. Umlando uveza ukuthi uBhebhe waqapha izibuko laseNgwangwane ngokukhulu ukwethembekalokhu. Lokho kwethembeka kwakhe kwenza ukuthi kuphele ukuklwebhana okwakuphakathi kwabamhlophe nesizwe samaGriqua. Kulokho kuqapha kwakhe izibuko, uBhebhe wakhombisa ikhono lokukwazi ukukhuluma izilimi eziningi. Wayekwazi ukuxhumana namaGriquangesiBhunu, isiNgisi naso esazi. Kanjalo nesiXhosa, isiZulu kanye nesiSwazi. Naleso siBhunu nesiNgisi akutholakali ukuthi wayekufundekuphi. Abanye baze basole ukuthi wayekufunde bume uma lezi zilimi ezizwa zikhulunywa, ngakho ukuba nekhanda elilula.
Yize isiXhosa, isiZulu nesiSwazi kuhlobene, kodwa akuyibo bonke abantu abakwazi ukuzisebenzisa kalula zontathu lezi zilimi njengoba kuthiwa uBhebhe wayekwazi.Ikhono lobuliminingi liyavela impela nje uma kulandelwa umlando wakwaKheswa. UNkongo waba umhumushi wokuqala nje kungekhosisekelo esikhomba ukuthi wayelifundiswe ngubani leli khono lokuhumusha. Lokhu kwenza ukuthi kucabangeke ukuthi wayenekhonoelephusile lokuzalwa lezilimi. Kukhomba ukuthi, ukusondelana nje nabantu abakhuluma ulimi oluthile kwakumenza ukuthi alubambe kalulaulimi abalusebenzisayo. Leli khono lobuliminingi yilo elasiza kakhulu ekubhuleni izimpi ezazisha okomlilo kazokhele phakathikwabamnyama nabamhlophe kanye nabamnyama bebodwa.Leli khono lokulamula eligqamayo kula maqhawe akwaKheswa liveza ukuthi babenesibindi. Phela amavaka acwiliswelwa ibhakubhaawabhekani nempi. AbakwaKheswa sibathola bewuhlobo lwabantu ababengesabi ngisho ukuthelwa ngamachaphazelo. Babengosibindigidiababenenkole
Njengasezweni lonke imihlambi eyayifuywe yizizwe ezimnyama yadliwa yizifo, ezinye zazo okwakuze kusolise ukuthi zazenziwa ngabathile ngabomu. Izifo zashayazaqotha imbokode nesisekelo-ke.Okunye okwashaya ikhuhle emfuyweni yakwaKheswa kwaba ukudatshulwa kwezwe, okwenziwa amaBhunu. Lokhu kwakuhambisa nanokuzisikela kwamaBhunu odedangendlale bendawo yekhethelo bese kuthi abamnyama banikezwe amangelengele amaqwaqwasi. Lamaqwaqwasi ayengenakudla okuletha impilo emfuyweni. Nakho-ke lokhu kwayiqothula kwayiqeda imfuyo emiphakathini eminingi yabamnyama, kuhlanganisa nabakwaKheswa.Okunye abazigqaja ngakho abakwaKheswa, ikakhulu uzalo lukaNkongo, ikhono lokulima. Ngenxa yokuthi ukhokho wabo uNkongowayenikwe izwe elibanzi, izizukulwane zakhe zikhule ziyazisa indaba yokulima. Endaweni yaseChamto nje kunodedangendlale bamasimuomndeni. Futhi bayayazisa indaba yokuthi iningi lemizi yakwaKheswa ibonakala ngombala, yehlukile emizini yabantu phaqa. Nebala umabesikhombisa imizi yakwaKheswa ibukeka imihle kuneminye. Liyavela ikhono lokulima nakoNozulu baKwaNokweja. UMnu. Jotham Kheswa usababembelele ekulimeni akuqhuba ekuthathe kuyise. Wayelima nangenkathi esaqashwe uhulumeni enguthisha nomhloli.Kuyavela futhi ukuthi abakwaKheswa yibona abaphatha isicoco sokuba ngabokuqala laphaya endaweni yaseMzimkhulu namaphethelo,ukuthenga imoto. Abanumzane abaningi babesahamba ngezinqola ezidonswa amahhashi nezinkomo. Ngakho-ke ukuqhamuka kukaZaki(Zacharia) Kheswa eseqhuba imoto kwashiya abantu bebambe ongezansi.
Izithakazelo ZakwaKheswa::
Kheswa!
Nozulu!
Mpangazitha!
Mchumane!
Mnguni,
Abanguni abangakanani,
Ngoba nasechopheni leqhiya (leduku) bayenela!
Izulu eladuma ekuseni,
Kwathi ntambama laphangalala!
Nina enehlis’uBuhhedlana,
Amangelengel’awel’iMpofana nawel’uThukela!
Nawela ngesilulu nibheke eBusuthu.
UMchachambi wezulu eliphezulu!
Amazalankosi,Omabelemade!
Mancumane nibahle njengokudla kwasehlobo!
Intombi engagananga kwaKheswa
Iyozala izinkwapha ngezinkwapha,
Egane kwaKheswa izale amacocobele!
Asitholanga kahle ukuthi uNozulu ungubani kahle hle emlandweni wakwaKheswa. Kodwa izingwevu zakhona zahlawumbelisa ukuthi uyoba ngomunye wokhokho bakwaKheswa. Elokuzibiza ngabaNguni lisukela ekutheni bazibona beyingxenye yezizwe ezingamaNguni okuhlanganisa kuzo amaXhosa, amaZulu, amaNdebele kanye namaSwazi.Bayayazisa abakwaKheswa indaba yokuthi ababaningi njengabantu bezinye izibongo. Yingakho bezithakazela ngokuthi “kabangakananingoba nasechosheni leduku bayenela”. Lokho kusho ukuthi ababaningi noma ababakhulu ngoba bayenela ngisho endaweni encane nje.Encane ngangechopho leqhiya (iduku). Asitholanga kahle nokho ukuthi yiliphi leli duku abenela kulo, ngoba sazi izinhlobo ezimbilizamaduku. Elokushuqula kanye nelokuzesula. Uma benela nakuleli lokuzesula, kuyosho ukuthi bancane ngempela. Uma lokhu kubukwangelinye iso, kungagcizelela khona ukuzehlisa okusobala uma umuntu exoxa nabakwaKheswa. Nabo phela lobo buncane ngobungcosanebaze babangela ukuthi bangabi nankosi okungeyabo nje.Lokhu okuthinta ukuthi oKheswa bangamazalankosi kuthiwa kuthinta iphuzu esesike salithinta lokuthi abanabo ubukhosi abakaNozulu.Kodwa kuwo lowo mnyama bayawazala amakhosi. Bawazala ngokuthi kwathi emva kokuqembukelana phakathi kukaKheswa noHadebe,inkosi yakwaHadebe yaqaphela ukuthi empeleni “umfowabo lona” wayezele osukasambe bezintombi. Iso latshela inhliziyo ukuthi veleakukho cala elingavela uma engase aqomise kwamfowabo ngoba base behlukene, “bengasahlobene”! Nebala inkosi yaqomisa, yaqonywa maqede yaganwa. Akusakhumbuleki-ke ukuthi leyo ntombi yakwaKheswa yayingubani nokuthi obani amagama ezingane ezazalwa lapho.Kodwa okugqamayo ukuthi ngaleyo ndlela abakwaKheswa bayizala-ke inkosi, yize babengenayo engeyabo. Bangamazalankosi-ke!Kuphinde kuthiwe bangomabelemade ngoba ngenxa yobuhle bezintombi zakhona, zazithathwa ubuthaphuthaphu. Zincelisa ngaphanangapha lapho ezazisuke sezigane khona. Baliqhakambisa kakhulu elobuhle abakwaKheswa ngokuzifanisa nokudla kwasehlobo. Bazebethi intombi egane kwaKheswa izala izingane ezinhle, kuthi egane kwesinye isibongo izale izikhwishela.
Ihubo LakwaKheswa::
AbakwaKheswa baseSantombe bathi abanalo ihubo lomndeni okungelabo nje. AbakwaKheswa baseSantombe bathi uma benze imicimbinemikhosi ethile, bahuba lona elakwaDumisa, okungubukhosi abakhonze kubo. Lithi:
Sisuk’eSwazini nkosi,
Awusinik’awusinik’indawo!
Kush’amaDuma nkosi!
Sisuk’eSwazini nkosi,
Awusinike awusinik’indawo!
Kush’amaDuma nkosi !
Yize leli hubo lingelakwaDumisa njengoba salandiswa yingwevu uMnumzane David Kheswa, kodwa lizwakala lixoxa indaba ebathintayo kakhulu nabakwaKheswa. Indaba yokuzicelela indawo okungeyabo. Indawo cishe abangakwazi ukuhlala ngokunethezeka bazilawule kuyo.Lize licabangise ukuthi basenaso isilokazane sokuzibusa endaweni yabo njengeningi lezibongo.