Ndlovu

Abantu bangabeSuthu badabuka eLesotho . Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza esizweni sabantu bakwaNxamalala . Laba bantu bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka ukuphimisa igama noma ngithi isibongo esithi Tlou ,bagcina bethe Ndlovu  .Ngenkathi laba bantu bakwaNdlovu bakhe laphaya eNkandla, babeyingxenye yezizwe saMachunu. Laba bantu bakwaNdlovu babakhelene nabantu bakaMavovo wakwaMkhize phezu komfula iNsuze ngaphansi kwaseQhudeni eNkandla.
Baxoshwa esizweni saMaChunu ngoba enye yabazukulu bakaGatsheni uMpongo kaZingelwayo esolwe ngokuthakatha.Kuthiwa wayefuye izinyoni ezimbili ezicishe zifane nokhozi . 

Babaleka abantu bakwaNdlovu bayokhonza kuZihlandlo wakwaMkhize bebalekela ulaka lukaMacingwane.
Kuthe lapho besathi banethezekile kwasuka inkosi
yakwaZulu uMbomboshe omnyama[uDinngane kaSenzangakhona] wahlasela uZihlandlo wambulala


AbakwaNdlovu behlangene nabakwaMkhize babeleka balibhekisa ngaseNingizimu , baze bayofika egqumaneni
laseNhlazuka eduze nomfula iLovu,..Ngaleso sikhathi abantu bakwaNdlovu basebeholwa nguNgema indodana kaMpongo.UNgema yena wazala uNogwiyela ,yena wazala uMdingi

UMdingi yena wasuka eNhlazuka wayokwakha eMngeni.Ngokuhlaselwa kwabo nguMacingwane baze bayokhonza kuZihlandlo ,bazibona bengasenaboya.Nangokuhlaselwa kukaZihlandlo nguDingane kanti n guyena obese bafukamele babona ukuthi  uboya babo obungamandla abo, bazibiza ngokuthi ngabakwaBoyabenyathi ,obuthi busonga bube busombuluka .





UKwelamana kwabakwaNDLOVU .


uGatsheni uzale uLamula 
yena wazala uZingelwayo 
yena wazala uMpongo 
yena wazala uNgema 
yena wazala uNogwiyela 
yena wazala uMdingi ..

>>>


Izithakazelo zakwaNdlovu:


Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka.
Mpongo kaZingelwayo.
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya,ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane, Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazane,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi.. 

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo