Abantu bangabeSuthu badabuka eLesotho . Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza esizweni sabantu bakwaNxamalala . Laba bantu bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka ukuphimisa igama noma ngithi isibongo esithi Tlou ,bagcina bethe Ndlovu .Ngenkathi laba bantu bakwaNdlovu bakhe laphaya eNkandla, babeyingxenye yezizwe saMachunu. Laba bantu bakwaNdlovu babakhelene nabantu bakaMavovo wakwaMkhize phezu komfula iNsuze ngaphansi kwaseQhudeni eNkandla.
Baxoshwa esizweni saMaChunu ngoba enye yabazukulu bakaGatsheni uMpongo kaZingelwayo esolwe ngokuthakatha.Kuthiwa wayefuye izinyoni ezimbili ezicishe zifane nokhozi .
Babaleka abantu bakwaNdlovu bayokhonza kuZihlandlo wakwaMkhize bebalekela ulaka lukaMacingwane.
Kuthe lapho besathi banethezekile kwasuka inkosi
yakwaZulu uMbomboshe omnyama[uDinngane kaSenzangakhona] wahlasela uZihlandlo wambulala
AbakwaNdlovu behlangene nabakwaMkhize babeleka balibhekisa ngaseNingizimu , baze bayofika egqumaneni
laseNhlazuka eduze nomfula iLovu,..Ngaleso sikhathi abantu bakwaNdlovu basebeholwa nguNgema indodana kaMpongo.UNgema yena wazala uNogwiyela ,yena wazala uMdingi
UMdingi yena wasuka eNhlazuka wayokwakha eMngeni.Ngokuhlaselwa kwabo nguMacingwane baze bayokhonza kuZihlandlo ,bazibona bengasenaboya.Nangokuhlaselwa kukaZihlandlo nguDingane kanti n guyena obese bafukamele babona ukuthi uboya babo obungamandla abo, bazibiza ngokuthi ngabakwaBoyabenyathi ,obuthi busonga bube busombuluka .
UKwelamana kwabakwaNDLOVU .
uGatsheni uzale uLamula
yena wazala uZingelwayo
yena wazala uMpongo
yena wazala uNgema
yena wazala uNogwiyela
yena wazala uMdingi ..
>>>
Izithakazelo zakwaNdlovu:
Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka.
Mpongo kaZingelwayo.
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya,ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane, Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazane,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi..
Cha Mfo kakholo ngiwumlandeli omkhulu la kwivelaphi yezibongo kanjalo nezithakazelo .mina ngiNdlovu lo_onguNgonyama abe nguNdlangamandla asimfaki uGatsheni kithi kanjalo noMthiyane .ngiyafisa uke ungibhekele umlando walo Ndlovu ngonyama boyabenyathi buyasonga buyasombuluka .njengoba kade ngike ngabe ngaphezulu ukuthi ngiwumlandeli walengosi yakho ngangicele ukuba ningibhekele (IHHUBO) lakwaNDLOVU kodwa angizwa lutho oluvela kulengosi