Ngcobo

AbakwaNgcobo .

Abantu bakwaNgcobo bangaMalala avela eNyakatho nezwe. Abantu bakwaNgcobo sibathola benendlunkulu, iqadi kanye nekhohlwa kuze kufike nakwisizinda. Ukuze uchazeke kahle umlando wakwaNgcobo kumele uchazwe ngezindlu..

…………………………………………..

Ukudabuka kabantu bakwaNgcobo!

Kuthiwa umuntu wokuqala owaba yinzalabantu, simthola akhe umuzi wakhe eduze komfula uThukela, ezansi nalo. Igama lakhe kuthiwa nguVumezitha.

UVumezitha wazala amadodana amaningi, kodwa engizowabalula lapha ayezalwa ngunina oyedwa kwaba nguNgcobo kanye noMkheshana. Izibongo ezithinte oNgcobo zivela kulaba bantu ababili, abangamadodana kaVumezitha.

Ukuze izinto zihambe kahle kufanele sizicaze kahle izindlu zakwaNgcobo, kusukela endlunkulu yakhona size sifike endlini encane.
………………………………………….

AbakwaNyuswa

Lena yindlu enkulu yakwaNgcobo. Yaziwa ngokuthi yiNkumbemfece. Lokhu ngizobuye ngikuchaze ukuthi kwavela kanjani, ngoba kuvela kwenye yamadoda akwaNyuswa lokhu kweNkumbemfece. Abantu bakwaNyuswa kuthiwa babakhe eduze komfula obizwa ngokuthi iMamba, ongumngenela woThukela njengoba bengishilo ukuthi inzalabantu yakwaNgcobo yayakhe eduze koThukela. Indlu yakwaNyuswa isukela kuVumezitha uqobo, ozale uNgcobo kanye nomnawakhe uMkheshane. UNgcobo yena uzale uDingile, uDingile uzale amadodana amabili, oNyuswa kanye noZonca. UNyiswa yena uzale uYenesi, kwathi uZonca yena wazala uMaguya. Kuthiwa uYenesi katholanga ndlalifa, kwase kuthi uMaguya wasendlini encane wangena umkaYenesi ukuze amzalele indlalifa. Nempela wazala uMbhele, yena wazala uMapholoba wodumo lwakwaNgcobo. UMapholoba uzale amadodana amathathu oSihayo (inkosana), moMvela(ikhohlwa), kanye noMgabi. Lawa kwakungamadodana kaMapholoba,ngezindlu zawo.
USihayo uzale uDubuyana yena wazala uDeliweyo, yena wazala uMqedi namnye amakhosi. Kanti uMavela uzale amadodana amabili uMkhalelwa kanye noSindila. UMkhalelwa yena uzale uDikwayo yena wazala uSotobe. Kanti uMgabi, yena uzale uNcume, yena wazala amadodana amabili oMshiswa noMnkwantshi. Ngesikhathi sokubusa kukaShaka kwaZulu, kwaNyuswa kwakubusa uMapholoba. Bathi noma izinsuku zase zihambile , insizwa endala yayingayishiyi edlamabele. Ngoba phela uMapholoba simthola esaganwa ngudadewabo kaZihlandlo waseMbo(kwaMkhize).
Kodwa okubi okwenziwa uMapholoba ukuqhatha amadodana akhe uSihayo noMgabi ethi kababange ubukhosi. Nempela babanga ngesikhathi esengasekho uyise. Izindlu zonke zavuma uSihayo njengenkosana. Wasuka lo mbango waba mkhulu waze walanyulwa nguShaka ewulamula ngenja .. ‘**Kuthiwa iLembe lo mango lawulamula ngokuhlanganisa abantu lathi babenze umkhumbi wabantu ,amadodana kaMapholoba nawo abakhona kulo mkhumbi.UShaka weza nenja yakhe, eyahamba nomkhumbi wabantu ihamba ibanuka. Kuthiwa yabanuka bonke abantu kodwa yathi lapha ifika kuSihayo ayaze yamnuka, yasuke yalala phansi eduze kwakhe. Lesi senzo senja uShaka wasihumusha ngokuthi ayimnukanga uSihayo ngoba kunguyena inkosi .’**’ Kanti kuzothi emva kwesikhathi uMgabi aqhathe uSihayo noShaka ngokuqamba amanga okuthi uSihayo uthumelele uShaka ugwayi unomuthi ukuze uShaka ethi uyawubhema akhothame. UShaka wakuzwa lokho ahlasela elakwaNyuswa. Wayezoshaya aqothe imbokodo nesisekelo ukba umhlobo wakhe uZihlandlo wakwaMkhize kabafihlanga kuye abanye abantu bakwaNyuswa. Laba bantu bakwaNyuswa bahlala kwaze kwathi ngokuhlaselwa kukaZihlandlo nguDingane, babaleka bawela uThukela, futhi bayokwakha enhla noMhlathuzana, behambisana nabaMbo nabo ababebalekela ulaka lukaDingane. Kuthe sekuphethe umbuso wamaNgisi,uSomtsewu(Sir Theophilus Shepstone) abantu bakwaNyuswa bakhiswa endaweni entsha enhla neMona eNdwendwe lapho betholakala khona kuze kube namhlanje. Kodwa abakaMgabi babaleka nabo baze bafika ngaseMzimkhulu, sebephethwe yindodana kaNcume uMshiswa. Iyona ebusa lamaNyuswa aseZingolweni.

Kwathi enye indodana kaNcume enguMkwantshi yona yayokwakha endaweni esibizwa ngokuthi kuseMkhambathini(Camperdown) kanye babakwaBhota(Bothas Hill). Ehlukana kanjalo-ke amaNyuswa, kodwa ebevela ndawonye. Umuzi omkhu lapho kuzalwa khona uSihayo kwathiwa kuseNkumbini. Ngalokho uSihayo wazibiza ngeNkumbemfece. Ukwehlukanisa uNyuswa kaSihayo nabanye oNyuswa, bayaye babizwe ngeNkumbemfece.

…………………………………….

Ukwelamana kwabakwaNyuswa !

UVumezitha wazala uNgcobo noMkheshane

UNgcobo wazala uDingile

UDingile wazala uNyuswa no Zonca

UZonca wazala uMaguya

UNyuswa wazala uYemesi owazala uMbhele emzalelwa uMaguya

UMbhele wazala uMapholoba

UMapholoba wazala uSihayo , uMavela kanye noMgabi

USihayo wazala uDubuyana owazala uDeliweyo.

UDeliweyo wazala uMqedi.

UMavela yena wazala uMkhalelwa noSinqila

UMkhalelwa wazala uDikwayo owazala uSotobe.

UMgabi yena wazala uNcume owazala uMshiswa noMnkwantshi
…………………………………………………………………………………………….

*******
Amadodana kaMapholoba wakwaNgcobo::::OSihayo ,uMavela kanye noMgabhi ::

UMapholoba wayezalwa uMbhele kaYemesi kaNyuswa kaDingile kaNgcobo kaVumezitha . UMapholoba yena wazala uSihayo, uMavela noMgabhi. Kuyavela ukuthi uSihayo wabe ezalwa intombi yaseMbo yingakho esaziwa njengenkosana ekushoneni kukamfowabo uMiswayo.[[ Phela ngokwesiZulu umntwana ozoba inkosi kumele azalwe intombazana ezalwa inkosi.]]] UMapholoba wayebona ukuthi kunenkinga ngomuntu okumele amqoke njengenkosi emva kokukhothama kwakhe. UMapholoba ukhothame ngesikhathi sekubusa iLembe. Isizwe sasala dengwane singenankosi.Kwaqubuka umbango phakathi kwamadodana kaMapholoba, ngenxa yokungacaci ukuthi ubani okufanele athathe ubukhosi. Kuthiwa kuthe ngelinye ilanga kubizwe umndeni uMgabhi waciba uSihayo ngomkhonto, ngeshwa likaMgabhi wabhajwa esihlangwini sikaSihayo kwaba ukusinda kwakhe. Kwasekuthathwa isinqumo sokuthi adingiswe uMgabhi kanye nabalandeli bakhe.Kwacaca ukuthi umbango usushisa phansi. Kuthe uma iLembe lizwa le ndaba yalo mbango lathi impi yamaqhude lena. Lababiza bonke abantwana bakaMapholoba ukuba beze esigodlweni salo kwaBulawayo, lenza umhlola labiza inja yalo eyayibizwa ngokuthi uMxhosa. Beme umugqa kanjalo inja ihamba ibahogela bonke ithe igcina yabe isilala ezinyaweni zikaSihayo.

Lase lithi iLembe >“Nakho-ke, nisameleni maNyuswa, ingani seniyibonile inkosi yenu?” Wabe esebekwa kanjalo-ke uSihayo ukuba abe inkosi yakwaNyuswa.Isaga sesiZulu sithi alikho isoka elidla kahle imbangi ikhala. Okusho ukuthi impi yombango ayipheli kalula ngoba siyezwa ukuthi uMgabhi akanelisekanga ngalezi zigameko ezaziyinkomba yokuthi uSihayo uqokwe uMdali nabaphansi ukuthi abuse. UMgabhi wabopha elinye itulo ngokuqamba amanga awatshele iLembe athi ugwayi lona osuke uphuma kuSihayo uqale awufake umuthi bese eyawuchamela khona iLembe lingezukuphila isikhathi eside. Akabange esachitha sikhathi uShaka wathumela amabutho akhe ukuba amuhlasele ngoba uyisigebengu. Amabutho kaShaka amdudula uSihayo namabutho akhe aze ayomthela emfuleni uThukela owawugola izintethe, kwaphela kanjalo ngoSihayo namabutho akhe. Lesi sigameko sashabalalisa ubukhosi obabuhlonzwe inja,kodwa ngoba kwakuhlelwe uMvelingqangi kwabuye kwavuka kuhle kwenyama ivuka ogqokweni, ngoba uMavela, nanxa wayezithulela kodwa wayelazi iqiniso futhi wazitshela nezingane zakhe ukuthi iyona kuyiyiphi indlunkulu yakwabo.Ababesele babona kungcono ukuthi indodana kaSihayo(uDubuyana) iyokhulela ekhabonina likayise kwaMkhize ngoba uZihlandlo wayeyiqhawe elivelele futhi engumngani omkhulu weLembe. Nabanye bakwaNyuswa bahamba bayokhosela khona eMbo.Kuthe ngokukhothama kweLembe inkosi uDingane yazihlasela zonke izihlobo nabangani beLembe, akasalanga-ke noZihlandlo. Kwase kuyacaca ukuthi nabakwaNyuswa abana mpheme wokuphephela. Babaleka baze bawela umfula uThukela baze bayofika eMhlathuzana behamba nabo abaseMbo. AbaseMbo baqhubekela phambili beholwa uMsengi kaSambela owayebambele indodana kaZihlandlo uSiyengela.Kuthe sekubusa uSomtsewu eBhodwe basuswa eMhlathuzana bayokwakhiswa enhla nomfula iMona kuze kuyofinyelela oZwathini eNyuziphepha. Ilapho namanje betholakala khona. UDubuyana wabusa sebe ngaphesheya koThukela sebengenisile abelungu nemithetho yabo. Emva kwakhe kwathatha inkosana yakhe uDeliweyo emva kwayo kwathatha uMqedi.

>>>
INkosi USinqila[UNtuli] kaMavela wakwaNgcobo :::::

USinqila umfowabo kaMkhalelwa kaMavela kaMapholoba wayebuye abizwe ngoNtuli[hhayi owaseMabheleleni]. UNtuli wabayinkosi noma wayeyikhohlo ngenxa yobuqhawe nobuhlakani ayenabo. UNtuli wayaziwa kuwo wonke amaqele ngoba wayehamba elwa nazo zonke ezinye izwe.Abantu babemazi ukuthi uyingwazi enobuchule. Kuthe kade ehambile uNtuli waqikelela kakhulu umlando owayewutshelwe uyise uMavela. Kuthe kade esehambile wafica uyise esezobeka omunye umuntu ukuthi abe inkosi kwacaca ukuthi akekho ongathatha ubukhosi ngoba abafowabo nezingane zabo zazingekho ezingeni elifana nelakhe lobungwazi. Kwacaca ukuthi kufanele ubukhosi bunikwe yena ngoba akekho owayengaphatha uNtuli ekhona. UNtuli waba inkosi ehlonishwayo ngenxa yobuhlakani kanye nobungwazi bakhe. Kuthe bengazelele kwafika intombi kaVavile Nene eyayihlala esigodlweni seLembe yazobaluma indlebe ukuthi iLembe lizobahlasela, ngoba uNtuli ufuna ukulibangisa.
UNtuli wabona ukuthi akusaphephile ukuthi intombazane ibuyele esigodlweni, wabe esethi kungcono kubalekwe nayo kuwelwe umfula uThukela.UNtuli wathi ngeke ayithathe yena, uzoyikhulisela umntwana wakhe uZiphuku ngoba yena wayesemdala. Wabe esewela umfula uThukela nabantu bakwaNyuswa. Waba nemizi eminingi ayehamba eyakha esangaphesheya koThukela: Wazinza-ke emzini wakhe eZulwini ongasoThongathi awetha ngoba ethi sekuzoba izulu lamaNyuswa okusho ukuthi sebephephile ekuhlaselweni iLembe.Ngokubona ukuthi sebenethezekile wabe esefuna ingane kayisomdala uDubuyana kaSihayo[lo esike saxoxa ngaye izolo] owayekhosele koninalume ngesikhathi kubulawa uyise.UNtuli wabe esewunikeza uDubuyana umuzi waseZulwini esethi akabuse. Abantu bakhononda ngoba babengamazi kahle ukuthi uDubuyana ungubani, bengafuni ukusala babuswe umuntu abangamazi. UNtuli wabaphoqa ukuthi abasale. UNtuli wahamba wayohlala emzini wakhe kwaNombhede ngokubona ukuthi ubukhosi bakwaNyuswa buyadlondlobala wase esabelana noDubuyana amabutho kanye nemizi.Wakha omunye umuzi wawubiza ngokuthi iseNkumbeni evusa umuzi kayiseomkhulu uMapholoba. Lwasuka uthuthuva kumfana womfowabo uDikwayo kaMkhalelwa, wabulala inkosikazi kaZiphuku uMaVavile owayekhonzwe kakhulu uNtuli. Kuthe uma uNtuli ezwa lezi zindaba wambiza uDikwayo wambuza ukuthi njengoba ebeka abantu ngapha nangapha akasho ngani ukuthi naye uyabufuna ubukhosi. UNtuli wabe eseyambeka uDikwayo ukuthi abe inkosi kodwa waqinisekisa ukuthi abazukuhlangana, mabahlukaniswe isizwe sakwaGcwensa,khona bengezukuhlaselana.Wahlukumezeka ngokushona kukaMaVavile owayebasindise emlonyeni wengwenya. Wahamba wayokwakha umuzi awubiza ngokuthi iseMgqwabagqwabeni emva kwalezi zigameko zomona. Wabuye wakha umuzi wokugcina owawuphezu kwentaba iNgcongangconga lapho kugeleza le mifula:iNsuze, iPhambela, iNhlambamasoka neNkukhu. UNtuli wabe esethi useyofela kulo muzi ngoba uyozibona ziseza kude izitha uma sezizomhlasela.UNtuli wezwa ngesikhalo sikaNjubanjuba Luthuli umfowabo kandlunkulu wakhe sokufuna ukuba inkosi, wabe esemsikela kwenye yezindawo zakhe ukuba abusekodwa abe ngaphansi kobukhosi baKwaNyuswa. Umfula iDabango waba umngcele phakathi kobukhosi bakwaLuthuli nobakwaNyuswa.

Kuthe elaseBhodwe seliphethwe uGovernor Shepstone, uSomtsewu wafuna ukwehlukanisa lobu bukhosi ngokubiza uDubuyana ngoNyuswa I, uNtuli ngoNyuswa II. UNtuli wayelihamba lonke izwe ehamba ebeka amakhosi njengoba e-Eastern Cape kukhona ubukhosi bakwaNgcobo kanye nendawo yaseNgcobo.Umbuso kaNtuli wawuhamba uze ufike emfuleni uMzimvubu. Abelungu ngokubona ukuthi uNtuli unomhlaba omningi basikela isizwe samaQadi,sakwaNgcolosi kanye nesasemaBomvini emhlabeni wenkosi uNtuli.Izinduna zakhe uNtuli zameluleka ngokuthi akabeke umfana wakhe uZiphuku ukuba abe inkosi ngoba yena usemdala akasakwazi ukuhambela zonke izindawo zakhe. Wathi uNtuli akekho umuntu ozoba inkosi engamkhombisanga ubuqhawe,ufuna indodana yakhe imlandele inhliziyo yeduna kwaZulu. Ngenxa yokuthi naye wayenobuhlakani njengoyise waqala waya eNingizimu nelikaMthaniya wayozilolonga khona ngokudla izizwe ezincane ezifana nesakwaDlamini waziphembela amabutho akhe nabantu ababengena ngaphansi kwakhe. Kuthe esebona ukuthi usevuthiwe wahamba namabutho akhe bephikelele kwaZulu.Abantu babe nokudideka uma bebona ukuthi wuye uNtuli kodwa bemangazwa ukuthi yini abe musha kanje, kanti akagugile ngani. UZiphuku wayehamba ehuba namabutho akhe, abantu bengenwa amanzi emadolweni becabanga ukuthi bayahlaselwa. UZiphuku wangena emzini thizeni waqonda esibayeni wagwaza inkomo engabonanga kahle ukuthi akulona iduna njengoba uyise wayeshilo ngoba izinkomo zazikhuluphele kungelula ukuhlukanisa iduna nesithole.UZiphuku namabutho bathatha isikhumba kanye nesibindi baphikelela ekhaya ukuyokhombisa uyise. Bajabula bonke abantu uma bebona esefika nesibindi ngoba babazi ukuthi akuyi lubuyayo kwaZulu. Kwathi noma beyitshela inkosi uNtuli ukuthi akabulalanga iduna ayibange isaba nandaba ngoba indodana yakhe ikwenzile lokho ayethe ayikwenze.Inkosi uNtuli yabe isiyambeka uZiphuku ukuba abe inkosi. Umuzi wakhe wabe usubizwa ngokuthi iseNyathini, kanti owomfowabo wawaziwa ngokuthi iseMbeleni.UNtuli wazala uZiphuku owaganwa wuye uMaVavile intombi yakwaNene eyazala uSwayimane. USwayimane waganwa uKaMakhanya owazala uMlamuli. UMlamuli wayenondlunkulu abayi-13 kodwa izalankosi kwakunguMaKhuzwayo kaHhashe owazala uCisho. UMlamuli wakhothama ngonyaka we-1940. UCisho wabusa isikhathi esifushane kakhulu ngoba washeshe waya koyisemkhulu. Wayeganwe uMaMchunu bathola ingane uNgonyama. UNgonyama akakwazanga ukuthatha ubukhosi kuyise ngoba wayemncane ngesikhathi ekhothama, wabe esebanjelwa umfowabo kayisemkhulu uMfundisi iminyaka eyishumi:::

Kuthe ngonyaka we-1965 wabuthatha ubukhosi waganwa uMaNdlela bathola uMsawenkosi.UMsawenkosi wadlula emhlabeni engakabuthathi ubukhosi futhi engakamthathi nondlunkulu kodwa esenayo ingane kuMaKhomo egama layonguMuziwenhlanhla. Umuntu owabe esebamba ubukhosi kwaba uSipho umfowabo kaMsawenkosi naye washesha waya koyisemkhulu. Kuthe ngonyakawe-1994 kwabe sekubamba uMlungiseni ongumfowabo kaNgonyama ebambela umzukulu wakhe uMuziwenhlanhla. Namanje kusabambe uMlungiseni ngoba uMuziwenhlanhla usafunda. Owayengumengameli wamajaji omthethosisekelo uJaji Sandile Ngcobo uyilungu lalo mndeni endlini yaseMlwandle…..

Amasiko AkwaNgcobo:::

Induku Yobukhosi (Inhlendla):

Kuthiwa abakwaNyuswa babe nenduku yabo yabukhosi noma induku yaseNdlukulu okuthiwa yayiphathwa uMavela owabe eseyidlulisela kuNtuli.Akusaqondakali ukuthi yaphelelaphi. Njengoba uNtuli abeka uDubuyana ukuthi abuse kanye naye, akuveli ukuthi ngabe wamnika yini induku leyo noma wayidlulisela kuZiphuku indodana yakhe.

Izigodlo::

Izigodlo zakhiwa abantu abasuke bakhele leyo ndawo noma leso sigodi kodwa ngolimi lakwaNyuswa kuthiwa izigodlo imifula. Mhlawumbe kungoba zehlukaniswa yimifula. Into eyayenzeka ukuthi uma isigodlo sesakhiwe, isigodi nesigodi sasiqinisekisa ukuthi sinendlu yaso komkhulu ukwenzela ukuthi umakunomkhosi singasweli indawo yokukhosela futhi abangadlela noma baphuzelekuyona. Kanjalo nesibaya sakonkosi sakhiwe amadoda akuleso sigodi.

Umkhosi Wokweshwama:::

Njengoba kuvelile ukuthi isizwe sakwaNgcobo sasifuduka sibalekela umbuso wakwaZulu, naso sasinamasiko aso, njengokweshwama nje. Umuntu okuvelakahle ngaye lokhu inkosi uNtuli . Uyena owayeqhuba lelisiko. Kuthiwa laliqhutshwa ngale ndlela elenziwa ngalo eNyokeni. Izinsizwa zazihamba ziyofuna iselwa elizophekwa inkosi incindele kulona, ngaleso sikhathi amabutho ebe eviliyela esibayeni.Okutholakale endlini yakwaMafunze ukuthi leli siko liphele ngesikhathi sokukhothama kwenkosi uMlungisi. Bathi nabo amabutho ayegcwala esigodlweni umsebenzi wonke usaqala phansi, ehuba amahubo aqondene nokweshwama angaculwa noma nini. Kuthiwa kwakulandwa inyanga ezokhwifa wonke umuntu ongaphakathi esigodlweni kuze kuba inkosi iyaphuma ukubona amabutho ngobaisuke ingaveli iphekwa.

Umntwana Ozoba Yinkosi::::

NgokwesiZulu umntwana ozoba inkosi kumele azalwe intombazana ezalwa inkosi. Lo mkhuba wesiZulu iwona owenza ukuthi kube nezinkinga umakulandelwa ubukhosi ngoba izikhathi azisefani. .Omunye umkhuba ukuthi umntwana ozoba inkosi uyathukuswa, akakhuleli lapho azalwa khona. Esinye sezizathu ukuthi umona ungahle ube khona bese eyathakathwa, noma abone izinto ngendlela ezenzeka ngayo egcekeni besekuba nomthelela endleleni abusa ngayo.Umntwana ozoba inkosi wenzelwa onke amanye amasiko afanele njengokumkhulisa ukuze indlela yakhe ingabi nazihibe.

Eminye Imikhuba::

Impepho iyasetshenziswa KwaNgcobo futhi kushiswa izinyamazane. Inkabayengane ayihluphi KwaNgcobo ngoba ungayishisa noma uyigqibe.Akafakwa ebhokisini umuntu waKwaNgcobo uma eshonile. Uma kwenzekile wangcwatshwa ngebhokisi kubuye kuhlatshwe imbuzi esekhishwa ebhokisini.Ingwe iyahlonishwa, isithwalambiza kanye nenkalankala. Inkalankala encane engathi ibomvu isuke ilethe ingane ekhaya ngokuthi ingene endlini, ihambe iye emsamo bese iyaphuma. Ukhona ozobonakala esekhulelwe ekhaya ngemuva kwalesi sigameko senkalankala. Uma ingane inokukhala kuyaye kufunwe izimpaphe zenyamazane isinkwe bese ishiselwa izinsiba zayo.Isiko lokungena owesifazane osuke eshonelwe umyeni liyalandelwa KwaNgcobo.Uma owesilisa eshonelwe unkosikazi engakambuyisi kufanele ayogezwa ekhweni kodwa uma kushone umama wakhe kufanele ahambe ayogezwa komalume

Amahubo::

La mahubo ahutshwa uma kunemikhosi emikhulu

Zisenqabeni::

Zise Nqabeni kuMageba

Zinyathi Hew Awo

Zise !

Awo Awo

Zise Nqabeni kuMageba

Zinyathi Hewu Awo

Inkinga Makhosi
Iyahlasel’ inkinga makhosi
Namhlanje sithi awo
Usho! He
Ayibuye inkinga makhosi
Namhlanje sithi awo
Usho! Ke
Kusho umuntu uma
Ebizwe isiloNamhlanje sithi awo
Ushu muntu ebizwe isilo

Leli hubo lihutshwa uma inkosi yaKwaNyuswa ikhotheme futhi liyahutshwauma isizwe sesiyokwenza ihlambo:

Uvevane
Lufile uvevane
Uvevane uvevane
Awo! Awo !
Uvevane uvevane
Awo ! Awo !
Lufile uvevane.

Inkosi uNtuli yayihuba leli hubo uma isizwe sisebunzimeni:

Ubizwe Izizwe
Ubizwe izizwe nangu uyahlasela
Inqobo enqobe izitha
Onke lamakhosi amnyama
Anempi eyayihlasela indlaluswela
Bayimpi khula nkonyane yohlange,
Khula nkonyane yezwe.
Bayizitha nangu uyahlasela
Inqobo enqobe izitha.

Leli hubo laqalwa ngesikhathi inkosi uSwayimane ilwe nabelungu.Babelihuba beboshiwe:

Wena OseMajuba
Wena Osemajuba Uye
Wayithinta Inyoka Ende Nkosi.
Zinkwenkwezi Wathinta
Amabhunu Ocingweni
Wena Osemajuba Ndabezitha
.Uye Wayithinta Inyoka Ende Nkosi.
Zinkwenkwezi Wathinta Amabhunu
Ocingweni Ndabezitha.

Ihubo Lehlambo KwaNyuswa

Hewuka Ntaba
Hewuka ntaba yezwe
Thina safela khona
Wo he.
Eewuka ntaba yezwe
Safela khona thina
Ho he.

EliKaNyuswa ngesikhathi usuka KwaZulu ungafuni ukuphathwa inkosiuShaka lalithi:

Niqondephi Nina?
Siqonde eMfolozi
Naqondaphi na?
Soye siwele uMhlathuze
Niqondephi na?
Soye siwele Amatigulu
Niqondephi na?
Bese siwela uThukela
Niqondephi nina
/Siqonde KwaDukuza
Naqondaphi na?
Siye siwele Amabendlana
Sithi bendle bendle
Siye siwele ngesikhala
Simayiwa uGimbici
Izigimbici ngakhona
Asikwazi lokhu izihawu
Aziphathane zojwana
Izinjinga ziphathane zojwana
Sesakhelwe uGimbici

Ihubo likaNtuli ngesikhathi esenqobe izizwe eziningi kanye nabeSuthu lalithi:

Wena WoHlange
Wena woHlange sesikubeSuthu bakaNdaba.
Awuzwe awuzweSiyakuzwa ngendaba
Wena woHlange
Sozilanda kubeSuthu
Awuzwe awuzwe
Siyakuzwa ngendaba.

>>

Izibongo Zamakhosi AkwaNgcobo:::

Izibongo Zenkosi UNtuli:::::

UNtuli kabongwa ubongwe
Nguyise mkhulu uMavela,
UNtuli kabongwa ubongwa
Ngezikhali,
UNtuli kabongwa bongwa
Ngegazi.Obonguntuli uzonumlomo.

UMxhakaza mpande
UMpande ziphelela kubafo.
UNohlasela ethwele insimbi
Bekunxashana eyosaba amankengana.
UMpengula jozi

UNkonjane ezihuqe ngodaka
KwaMayinga naKwaMzilikazi
Kuvuke izingwe nezingonyama
Wazigwaza wazibulala,
Ingqungqulu eshaya amaphiko
KwelaseMkhomazi
Isiye yathiya ngoMzimvubu,
UGagane lokubathiya abafokazane.

Abafazana baKwaBhidi,
NabakoFaku eMampondweni,
Bebeqhosheme bebheke ezansi benjengamadoda,
Abanye bebeguqe ngamadolo bengqongqotha
Ugwayi emashungwini beshiyelana,
Bethi uNtuli kasobusa kasobankosikanti
Kanti kunxashana eseyobekela.

UMkhandi kwabaKwaGxumela,
UMkhandi kwabaKwaMamba,
Wadl’ iduna, wadl’ ithokazi,
Wadl’ uCashela abantu efeni
KwabaKaDlamini,
Wadl’ uZitho ezimuncu
KwabaKwaGxumela.
UThintitha amadoda ngombingizane.
Udumo lwezinkomo ezincokazi,
Uye wazilanda kubeSuthu baKwaMshweshwe,
Useye wazilanda kuMaVenda.
INkosi yakithi eMlwandle
UVevane olundize lwehla
Ngezinkalo zonke,
LutheLapho lufika khona lwahlala
Lwazifukama lwathi ngiyiNkosi.

UNtuli kaMavela ovele
Ngezitho, ngemicondo KwaMzilikazi.
IVuzimazi elihambe liwavusa amanye
Amavuzimanzi emazibukweni liwakhipha.
Ingqungqulu eshaye amaphiko phezuko
Mdlelanso.
Yeqe imizi yamadoda neyamadojeyana.
Isiye yamdla uNomazoncwana ebezalwa
UNdela esemzini waseMgangeni.
ILanga elibeke amanye
Amalanga ngemisebe yalo,
Amanye beliwahlaba liwahlehlise.
ILanga eliphume phezu koThukela
UZulu walibona ukushisa.

Indlondlo ethe iphuza uThukela
Yabe iphuza iMpofana, yathi iphuza
iMpofana yabe iphuza uMzimvubu.
Uphengula jozi kwabezizwe.
Indlaluswela eshaye ikhwela
Iphezu kukaNombhede, isiye
Yabuya naye uDubuyane eseThengethenge.
Isambane esimbela abakayise
Ezinye bezimba imigodi zingayilali.
Odabule umhlaba kaMavela ngomkhonto
Ewunika abasekhaya nabezizwe.
Ukhozi olumaphiko made
Ngokufukamela izizwe nabakubo.
Ufukamele uDubuyana kwabakubo
Wafukamela uDikwayo kwabakayise.
Wafukama uNjubanjuba kwabakaLuthuli.
Ugagane lokubathiya abafokazane.

Ibinda Nkosi !

Izibongo Zenkosi UZiphuku:

INkosi yakithi eNyathini
Esuke sithi iyogwaza iduna
KwaZulu manje isigwaze ithokazi.
Umhlakazi wamabandla aKwaMzilikazi.
Umphuhlane ophuhle intaba zonke,
Uphuhle ezakithi, nezakoFaku,
EMaMpondweni, wabuya neduna,
Wabuya nethokazi,
Weza nenkonyane yeMpondo
KwabaKwaDlamini (uyise kaPono).
Udlambedlu, inyandezulu
Umphengula jozi
Umagwaze eguqile onjengethole,
Inkonjane edukele emafini
Yazakhela ngodaka.

UGasela abantu ngasezifeni
KwaMayinga KaMzilikazi.
Ogudle ulwandle ngejozi
Waye waphumula eBhiyavu,
Wagudla uMngeni ngejozi
Waye waphumula eMqeku,
Waye waphumul’ eMgungundlovu.

Inkunzi yakithi eMlwandle
Esifuba sibanzi, enoboya
Ungaboya kunga obebhubesi.
Abafazana baKwaNombhede
Bebehlezi beqosheme benjengamadoda

Abanye bebeqonqotha ugwayi
Emashungwini beguqe ngamadolo
Bethi uZiphuku asobankosi kasobusa
Kanti kunxashane eseyobekela.

Izibongo Zenkosi USwayimane:::

Nansi inkunzi ngeyakithi ngeyaKwaDingunina.
Umpondo zomgakla zinde zingumashwilela.
Usibhamu esavutha kuqala emasosheni
ENyezane KwaGingindlovu.
Inkowankowane eqhibuke esangweni
KwasoGidi
Kuthe kusa aMaNzobe ayesebikelana ethi
Sekuqhibuke khowa lini?
Kanti besekuqhibuke ikhowandlovu.
Usisu simampuklu sesiyabampukluzela.

Simpukluzele nakoXhegwana bese sibampukluzela.
Simpukluzele uMahlubi kwabaKwaGcwensa
Sampukluzela uNgwabi kwabaseMaThulini
Sampukluzela uMqedi kwabakubo eZulwini.
OMzilangwe bakhwele emthini banjengezinkawu.
UNodumuka bamshiye bathathe
Izindlela ezibheke eMthandeni
Bebehambe bethi uMketengu
Akasabusi akasenkosi kanti
Bese kunxashane eyobekela.
Nansi inkunzi ingeyakithi
NgeyaKwaDingunina impondo
Zinde isiyabahlaba iyabahlohloloza
Iyabagojela.
Ihlahla lameva eligawulwe
Labekwa esangweni KwaDingunina

Ibinda Nkosi 

 
AbakwaNgongoma!

Sizokhumbula ukuthi ngesikathi siqala ukukhuluma ngabantu bakwaNgcobo sithe bona bahlukaniswz kahle ngezindlu zabo .Kade sikhuluma ngoNyuswa sathi indlu enkulu . Indlu yesibili kuba yikhohlwa. Ikhohlwa kaliyizali inkosana kodwa lizala iphosa kubusa.

Abantu bakwaNgcobo badatshulwa nguVumezitha, uyise kaNgcobo noMkheshane.

Laba bantu bakwaNgongoma bayatholakala laphaya eMsunduze eNdwedwe.

Ukwelamana kwabo!!

UVumezitha wazala uNgcobo.

UNgcobo wazala uDingile

UDingile wazala uNyuswa….uZon
ga… UGasela, uNombika ….uXhoko kanye noNgothoma.

UNombika wazala uNdaba.

UNdaba wazala uMashiza owazala uMavela.

UMavela wazala uBhofungane owazala uMafongosi..

UMafongosi wazala uSiphandla.

USiphandla wazala uMbozane

………………………………………………………………………………………………….
AMaFuze ! noma abakwaFuze

(Ikhohlwa)

Sizokhumbula ukuthi uNombika wayenomfowabo ogama lakhe kunguXhonxo. Kuthe emveni kwesikhathi kwakhona ukungezwani phakathi kukaNombika nomnawakhe.
Ekuxabaneni kwabo uXhonxo wasuka wayokwakha esizweni sakwaNgubane eMdlovana(Greytown)ngasendaweni eyaziwa ngokuthi kuseHlimbithwa. Kukule ndawo lapho uXhonxo azalela khona indodana yakhe uSanimuse yena wala uMdunane, kanti yena wazala uDindi , yena wazala uSokebi,yena wazala uDlomo, yena wazala uSokebi ozale uMahawule, yena ozale amadodana amane oMavuso, Gewuka, Gintwa kanye noMadlenya. UMadlenya uzale uHhemuhhemu, okunguyena owasuka wayokwa eMgungundlovu(Elandskop), emva kokunyakaziswa kakhulu yiLembe. UHhemuhhemu uzale uLangalakhe.

…………………………………

Ukwelamana kwamaFuze!

USanimuse uzale uMdunane

UMdunane uzale uDindi owazala uSokebi

USokebi wazala uDlomo

UDlomo wazala uNonyanda

UNonyanda wazala uMavuso , uGewuka, uGintwana kanye noMadlenya

UMadlenya yena wazala uHhemuhhemu owazala uLangalakhe.

………………………………

AMaQadi !

Lenayindlu yakwaNgcobo ebalulekile ngoba phela sizokhumbula ukthi kade sikhuluma ngekhohlwa, kanti ngaphambili sikhulume ngendlunkulu yakwaNyuswa. Manje sikhuluma ngeQadi lakwaNgcobo. Umbuzo uzothi yini yona iQadi? Phela kuyaye kuthi uma umnumzane esethathe indlunkulu, ebese eganwa ngunkosikazi wesibili. Lowo-ke uyimbangi yasendlunkulu, okusho ukuthi ngeke angene nangephutha endlunkulu. Nendodana yakhe iyoba yiphosakubusa. Okusho ukuthi iyosithola isikhundla sokubusa uma endlunkulu engatholakalanga umfana,noma uma umnumzane enuye wathatha futhi, iphosakubusa ngeke libuse. Lo nkosikazi wesithathu yena usezofakwa endlunkulu, abe yindodakazi yakhona. Ngakho-ke uba yindlu yangakwesokudla.
Le ndlu njengoba ngishilo ngathi ingeniswe undlunkulu, umakwenzeka inkosikazi enkulu ingamtholi umfana oyoba yindlalifa yomnumzane, kuye kuthathwe umfana wale ndlu avale isikhala. Ngakho-ke le ndlu yaziwa ngokuthi iQadi. KwaNgcobo kukhona’ke isizwe esibizwa ngokuthi ngaMaQadi. Sekunesizwe saseMaqadini, nezwe laseMaqadini. AMaqadi avela kuVumezitha ozale uNgocobo , ozale uDingile , yena ozale uNyuswa noZonca kanye noNgothoma lapha kuvela khona aMaQadi.
UNgothoma uzale uNjila, yena wazala uSilwane, yena wazala uDube, yena wazala uDabeka, yena wazala uMqhawe, ozale uMandlakayise, ozale uMzonjani. Lapho aMaQadi ayakhe khona kuseZiqalabeni eduze komfula iNsunze. Bakhelene impela nabkwaNyuswa. AMaqadi enabe aze afika eNanda kanti kukhona futhi amanye aMaQadi aseNcwadi ngaseRichmond..

Ukwelamana kwaMaQadi !

UVumezitha uzale uNgcobo owazale uDingile

UDingile wazala uNyuswa , uZonca, uGasela uXhonxo kanye noNgothoma *(iQadi)

UNgothoma uzale uNjila ozale uSilwane

USilwane uzale uDube

UDube uzale uLangalibalele , uMafukuzela kanye noDabeka

UDabeka uzale uMqhawe

UMqhawe uzale uMandlakayise ozale uMzonjani

…………………………………

AbaseMangangeni !

AbaseMangangeni bavela kuDingile ozale uNotshezi, yena ozale uMgcagca, yena uzale uMande, yena ozale uNdela, yena ozale uNomazocwana, yena ozale uKaduphi. Lena ngingasho ukuthi yindlu yesihlanu yakwaNgcobo. Kodwa abantu baseMangangeni kabasazibizi ngokuthi bangabakwaNgcobo. Uma nje uthi kumuntu waseMangangeni ikakhulukazi osemncane ‘Ngcobo’ angaqwebula amehlo, ekhombisa ukwethuka.

Ukwelamana kwabaseMangangeni !

UVumezitha uzale uNgcobo ozale uDingile

UDingile uzale uNyuswa , uZonga, uXhonxo, uNgothoma kanye no Notshezi**(owazala aManganga)

UNotshezi wazala uMgcagca

UMgcagca wazala uMande

UMande wazala uNdela

UNdela wazala uNomazocwana owazala uKaduphi..

…………………………………..

AbakwaShangase!!

Abantu bakwaShangase bahlobene kakhulu nabantu kwaNgcobo, ngingasho nje ukuthi bayinto eyodwa ngoba phela bazalwa uMkheshane kaVumezitha. UVumezitha yilona dlozi elikhulu lakwaNgcobo. UVumezitha wayenamadodana amabili, okwakunguNgcobo nomnawakhe uMkhashane.

Abantu bakwaShangase bangaMaNguni angaMaLala ngoba phela nabakwaNgcobo bayilo lolu hlobo lwabeNguni. Indaba kaShangase ivele ngesehlo esamehlela.(UMkheshane). Kuthiwa uMkheshane nomnewabo uNgcobo babekhonzene kangangokuthi omunye ubengabusi kahle emzini wakhe uma umfowabo engamboni. Kuthiwa kwathi ngelinye ilanga kubuswa nje emzini kaNgcobo, kukhona amakhosikazi kaNgcobo, kukhona noMkheshane, kwezwakala uNgcobo ebuza umbuzo oxakile kumakhosikazi, kowaba ngumbuzo owawadida amakhosikazi kwaze kwadideka noMkheshane uqobo. Wadideka wacabanga ukuthi ngabe useqiwe ukudla kakhulu yini? Amakhosikazi wona acabanga ukuthi uytazincokolela nje. Lo mbuzo oyindida wabuzwa nguNgcobo ewubhekise kumakhosikazi akhe ukuthi uma eseshonile yena la amakhosikazi afisa ukungenwa ngubani. Amakhosikazi ngenxa yokuthi acabanga ukuthi uyazincokolela nje athi azongenwa nguMkheshane. Bathi wathukuthela wagana unwabu uNgcobo wabhekisa kuMkheshane wathi, okusho ukuthi usuzongibulala ngoba uzwa abafazi bami bethi uma sengifile bazogana wena! Wabaleka uMkheshane wayocasha kubantu bakwaDube ngasoThukela. Bathi akaphathekanga kahle uMkheshane ezweni lakwaDube. Kuthiwa wathi lapha ekuzwa lokho uNgcobo ukuthi umnawakhe usengundingasithebeni ezweni lakwaDube, wathinteka enhliziyweni. Wathumela izithunywa ukuba zimlande. Uma efika umbuza umbuzo futhi ukuthi uphumaphi?? Washo ukuthi uvela kwaDube. Wathi Awu! Mfowethu, ubushangasa? Okusho ukuthi ubekade engumzulane. Kusukela lapho abantu bakaMkheshane kwathiwa ngabakwaShangase. UMkheshane uzale uThomani, yena wazala uMajola(:hhayi isibongo), yena wazala uShuku, ozale uMshiyane, ozale uNdaleka, ozale uMacebo yena ozale uZikhulu.

………………………………………….

Ukwelamana kwabakwaShangase!!

UVumezitha wazala uNgcobo noMkheshane

UMkheshane wazala uThomani

UThomani wazala uMajola

UMajola wazala uShulu

UShuku wazala uMvula.

UMvula wazala uNdaleka

UNdaleka wazala uGusha

UGusha wazala uMshiyane

UMshiyane wazala uMnguni

UMnguni wazala uMacebo owazala uZikhulu

…………………………………….

Izithakazelo zakwaShangase!

Shuku
Ndaleka

Mkheshane

Nogujwa
Thomani

………………………………………………

AbakwaHLABISA…

Abantu bakwaHlabisa bazalwa kwaNgcobo endlini okuthiwa ngeyaseMalangeni. Njengoba abantu bakwaNgcobo bengaMaNguni abizwa ngokuthi ngaMaLala, nabo abakwaHlabisa bangaMaLala. Lo muzi waseMalangeni ngomunye wemizi yakwaNgcobo ,owawungokaMaguya. Lo muzi wawakhe esithangameni phezu komdfula uThukela. Ngenxa yokuthi ilanga laliphumela kuwo lo muzi wabizwa ngokuthi kuseMalangeni. Inkosana yalo muzi kwakunguBhebhe(hhayi owakwaMhlongo). Kule ndlu yaseMalangeni kwakukhona endlini encane umnumzane owayebizwa ngokuthi nguNgono. Le ndoda yayinendodana yayo ebizwa ngokuthi nguNqina, okwathi sekushone uyise uNgono,yona kayezwana nenkosana uBhebhe. UNqina wasuka nabantu bakhe bashiya eSilambo ngasesiWeni samanqe. Bazula njalo baze bafika ezintabeni zaMabedlana ngaphesheya kweMfolozi eMhlophe. Bathi wafike wahlala ehlathini nabantu bakhe kanye nemfuyo. Ngokwesaba abantu bendawo ngoba bengakhonzile enkosini yendawo, abayosanga inyama ngengokwejwayelekile besaba usi, benza isidlwadlwa esikhundleni salokho. Isidlwadlwa yilapho kuththwa khona usu lwesilwane luphendulelwe bese kuqotshwa inyama ifakwe phakathi kanye negazi bese ibekwa phezu komlilo. Lolu su lulengiswa ngezinti ezintathu ukuze usu lolu lungashi kodwa lufuseke ukuze inyama ephakathi ivuthwe kahle. Abantu baze bababona. Base bebuza ukuthi bangobani. Ngokwesaba ukuthi babalekile ekhaya kabaphumanga nazwi, kodwa bavele babaphakela inyama nje. Laba ababezobuza lokhu kababange besaqhubeka nemibuzo, kodwa bamangazwa ukuthi hlobo luni lokupheka inyama lolu. UNqina wabamema ukuba babuye futhi azobahlabisa. Kuthiwa wabamema kwaze kwakaningi impela. Ngakho-ke base baziwa ngokuthi ngabakwaHlabisa.

UNqina kaNgono uzale uMdinwa(Mgabhi) yena uzale uNgotsha, yena owazala uMphoswa noMbopha(Wolizibi)kanye nendodakazi. USongiya owagana uSenzangakhona waba ngunina weNkosi uMpande. USithayi(uWolizibi) uzale uMbopha wodumo lukaShaka, wazalwa emzini kayise uNgotsha eKwaNgebeza. UMbopha yena uzale uBalasonto noSomfula(KwaGodloza). USomfula uzale uLokothwayo noMhonto. ULokothwayo uzale uSithozi kanyeMthekelezi, uMthekelezi uzale uKhelizinyawo, yena owazala uNqabisangoma.

UBalasonto yena wazala uMnyombo, yena wazala uSentu, yena ozale uMpisendlini.

……………………………………………….

Ukwelamana kwabakwaHlabisa!

UVumezitha wazala uNgcobo noMkhashane.

UNgcobo wazala uDingile.

UDingile wazala uNyuswa noZonga.

UZonga wazala uMaguya**

UMaguya wazala uBhebhe noNgono

UNgono wazala uNqina**

UNqina wazala uMdinwa owazala uNgotsha.

UNgotsha wazala uMphoswa , uSithayi(uWolizibi)** ,uSongiya (indodakazi)

uSithayi wazala uMbopha**, yena wazala uSomfula, , ,uBalasonto nabanye

USomfula wazala uLokothwayo, uMhonto,uNomandla, uCijimpi nabanye.

ULokothwayo yena wazala uSithozi noMthekezeli.

UMthekezeli wazala uKhelizinyawo owazala uNqabisangoma.

UBalasonto wazala uMnyongo nabanye

UMnyongo yena wazala uSentu owazala uMpisendlini.

…………………………………………

Izithakazelo zakwaHlabisa!

Ngotsha
Mdinwa, Songiya,
Somfula,
Wena owalala nomunwe endunu,
Wavuk’ ekuseni wawuncinda wakhomba ilanga
Mbopha kaSithayi
Bulawayo.
Sobakhethile
Somfula kaMbopha

Nyuswa.

……………………………………………

Izithakazelo zakwa-Ngcobo
Mapholoba,
Nyuswa,
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal’efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel’ilanga,
Sididane,

Ngongoma,

Maqadi amakhulu,
Mbili!

………………………………………………


INkosi uDube kaSilwane kaNjila kaNgothoma kaDingile kaNgcobo kaVumezitha::

Inkosi uDube wayeqanjwe ngedube elimthende (isilwane) akayena owakwaDube koNzwakele. Inkosi uDube wayebusa eyinkosi yamaQadi, yize wayemdala kunenkosi uShaka kodwa babengabangani abakhulu. Ngenkathi inkosi uShaka ihlanganisa izizwe eziningi nayo inkosi uDube yayihlanganisa isizwe sayondawonye nezinye izizwe kodwa yaqhubeka yabusa njengenkosi yamaQadi.Kwathi ngesikhathi sekukhotheme iLembe kwezwakala ukuthi inkosi uDube kumele ibulawe njengoba ikade isondelene kakhulu neLembe ngoba kusolakala ukuthi ingase ihlasele isizwe sakwaZulu. Kwathi ngokuhamba kwesikhathi uDingane wayesakha isu lokubulala uDube. Wabopha itulo lokuthi ibutho likaDube liyogawula izibonda ehlathini ngoba ufuna ukwakha isibaya, kwakhona nomyalelo othi bangaziphathi izikhali. Nangempela kwenzeka kanjalo.Ngesikhathi ibutho likaDube lisahambile uDube wayehleli yedwa esibayeni sakhe lafika ibutho likaDingane [UMbelebele] lizobulala uDube kanye nezinduna zakhe.Ibutho labuya lamfica uDube esekhotheme, base bazisa uDabeka indodana yakhe uDube ngalolu daba wasukuma ngaleso sikhathi namaQadi bagudla uThukela baze bawelela ngaphesheya, behla njalo bagudla uMngeni, baze bafika eThekwini bamshiya uDube engangcwatshiwe.

AbakwaDube koNzwakele abahlobene nabakwaNgcobo bakwethu::


Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo