Nzama

AbakwaNzama!!
…………………………………………………………………………………..
Abantu bakwaNzama baphinde baziwe ngokuthi ngabakwaWosiyana. Noma kwesinye isikhathi ngenxa yokwehlukana kwezigodi kuyaye kuthiwe ngabakwaZama, bamyeke unkamisa-N ekuqaleni. Imvelaphi yabantu bakwaNzama iqhamuka kubantu bakwaNgcobo. Bazalana kakhulu nendlu kaMkheshane(Shangase).Phela uMkheshane ngumnawakhe kaNgcobo, bobabili bazalwa nguVumezitha wakwaNyuswa.

UNzama iyona nzalabantu bakwaNzama, kuthiwa yena nabantu bakhe babakhelane nabakwaNyuswa laphaya emfudlaneni iNtolwane ongumngenela weNsuze. Okuthe ekwehlukaneni kwabakwaNyuswa nabakwaShangase ngokuxabana okuthize, ngesikhathi besuka oThukela beyokwakha eMandlalathi , abakwaWoyisana (Nzama) bahamba nabo. Kuthe iLembe(inkosi uShaka_selishakazisa izwe abantu bakwaWoyisana basuka lapho babakhe khona ngokubalekela ulaka lukaShaka bayokwakha ngaseLovu, kodwa kabazinzanga lapho. Babuyela emuva bayokwakha enhla noMdloti. Yilapho imvamisa besatholakala khona. Bahamba nje nabakwaShangase bakhona lapha. Njengoba namanje bakhelene. Okusakhombisa khona ukuthi banobuhlobo obukhulu, bokuzalana. Emlandweni wakwaZulu ikakhulukazi ngesikhathi kusabusa uShaka , abantu noma ngithi isibongo sakwaWoyisana sake sathi ukugqama ngenxa leqhawe lakhona elakhombisa esikhulu isibindi ngokugagamela umuzi weLembe. Lowo kwakunguGcugcwa. UGcugcwa wayengesiyona inkosi yakwaWoyisana(Nzama) njengoba abanye bebesho, kodwa uGcugcwa wayeyindoda nje efana namanye amadoda esizwem . Kodwa indaba yobuqhawe bakhe izovela ngesigameko esehlela abantu bakwaWoyisana. Kuthiwa abantu bakaNzama kwakungabantu abakwazi ukuncibilikisa insimbi bakhe ngayo imikhonto kanye namakhuba okulima.

Sengathi lokhu kwaze kwafika nasezindlebeni zeLembe ukuthi abantu bakwaWoyisana bayizinyanga zensimbi. UShaka njengomuntu owayematasatasa ngokwakha amabutho akhe azohlasela ngawo ngesikhathi ebumba isizwe, wacela inkosi yakwaWoyisana ukuba imakhele imithango yemikhonto. Yena(uShaka) uyokhokha ngezinkomo. Bathi kwaba ziwombe eziningi bezakha izikhali bezithumela kuShaka, kodwa ehluleke ukugcina isethembiso. Kwaze kwayiphatha kambi inkosi yakwaWoyisana, ukubona abantu bayo besebenzela ize leze. Futhi ibona ukuthi uShaka kaqonde khona ukuthi kube khona ubudlelwane kodwa uqonde impi. Pho! Kuzokwenziwa njani? Inkosi yafuna ikhambi ngokuba iqoqe sonke isizwe sayo ukuba kuzobhungwa ngalolu daba. Sengathi inkosi eyayibusa ngaleso sikhathi kwakunguMvakela kaKhumalo(hhayi uKhumalo waseMantungweni) kaManjanja kaNzama. Ngesikhathi ilwethula udaba inkosi, bonke bavumela ngazwi linye lokuthi kayekwe uShaka,zingafunwa izinkomo eziyinkokhelo, ngonba kuyabonakala ukuthi inhloso yakhe ekungakhokhini ukuba kuxatshanwe. Akangabazisi ukuthi ufuna isu lokuthi angahlasela kanjani.

Kubo bonke ababelapho nabavumelana nenkosi ukuthi. UShaka kayekwe ngoba ukumkhulumisa ukuzidonsela amanzi ngomsele, kwaba khona indoda engavumelananga nalesi sinqumo esithathwayo. Leyo ndoda kwakunguGcugcwa. UGcugcwa yena wathi kahambisani nokuyekwa kukaShaka nezinkomo ezingaka zesizwe sakubo. Ngakho owakhe umbono uthi izinkomo mazilandwe. Uma inkosi nebandla bekuphika lokhu uGcugcwa wabuza enkosini ukuthi uma kusuka indoda kwaWoyisana izilanda lezi zinkomo kuyoba ngezayo yini?
Impendulo kwaba ngeyokuvuma kodwa uma lowo ozokwenza lokho engezukudonsela isizwe amanzi ngomsele. UGcugcwa wathi yena uzozilandela lezi zinkomo. Noma abaningi babemkhuza bethi lokhu akwenzayo ukufa kodwa, kodwa uGcugcwa wathi yena uzozilandela izinkomo kuShaka..

UGcugcwa wafa ebulawa nguShaka ethi uzama ukuyolanda izinkomo, futhi yikhona okwenza ukuba abantu bakwaWoyisana basuke eNtolwane ngaseKranskop bayokwakha ngaseMvoti.

………………………………………………………………………

Ukwelamana kwaMakhosi akwaWoyisana..

UNzama
.
UManjanja
..

UKhumalo
..

UMvakela.

UMashiza.

UNgombane
….

UMvakwendlu.

UTshani..
………………………………………………………………………………
AbakwaChamane !!

Kubantu bakwaWoyisana kwaba khona abanye abazibiza ngokuthi ngabakwaChamane. Laba bantu kuthiwa kwathi ngesikhathi kuhanjwa omnye wamadodana kaMshiza wanyamalala endleni njengomuntu owayesayochitha amanzi kanti ufuna ukuphindela emuva. Base bethi abafowabo, akashiywe lona olibele ukuyochama. Wase ezala isizwe sakwaChamane okungesakwaWoyisana..
……………………………………………………………………………..


Izithakazelo zakwaNzama!!

Woyisane,
Gcugcwa.
Mashiza, Dingila
Mkhandi wensimbi.
Nina enidume ngokugcagca insimbi amanye amakhosi edume ngesithembu,
Wena owawela ngelibanzi kwasala izindondo zacoshwa abafokazane,
Nina bakwamfazi kashaywa ngemvubu kodwa ushauywa ngombhombolo wesidwaba,
Zukula kaNombhoco
Gcugcwa kaNcameni
Nina nbaseNtendeni.

Ekugqabukeni kwegoda phakathi kweLembe babakwaNzama , imikhonto yesizwe samaZulu yakhandwa abakwaShezi.

……………………………………………………………………………………….

 
 
 UGcugcwa kaNcameni wamaWoyisane[ wakwaNzama]

UGcugcwa wayezalwa uNcameni, Wayemfishane kakhulu futhi emncane, wayehlala efake iminyezane entanyeni ngoba phela wayeyiqhawe, elikhohlo lamaWosiyane, wabe ethatha izinkomo zabantu ngendlela ethile abanye babethi wayezeba(abakwezinye izizwe) kanti amaWosiyane athi wayenentelezi ayelalisa ngayo abantu azithathe zonke akhumule amankonyane ezisingeni. Noma lo mqondo ungemukeleki kahle namhlanje kuyamangalisa ukuthi njengoba wayaziwa izwe lonke ukuthi uthatha izinkomo wayengabanjwa ngani? Wayengakhethi ngoba nezeLembe eleqa amanye amalembe wazithatha ngoba iLembe lalimcele ukuba alakhele imikhonto kepha langabe lisamkhokhela ngokwesivumelwano. Kuthiwa uGcugcwa wakhetha ukuziholela yena ngokuzithathela izinkomo zeLembe njengoba izinkomo zeLembe zazigcwele kuzozonke izigodi. Wabaleka nazo waze wayocasha nazo ehlathini iSangibaba. Kwaphuma abanumzane ukuba bayofuna uGcugcwa nezinkomo zeLembe. Nebala watholakala uGcugcwa wabe eselethwa phambi kweNkosi uShaka. Banele bangeniswa wayesethi uShaka, “Sawubona Gcugcwa, sawubona mfo kaNcameni”. UGcugcwa lapho wafunda kwezakhe akabe esaphendula waphinda uShaka wathi, “Sawubona Gcugcwa” wathula kwathi ngokwesithathu wathi uGcugcwa “Yebo amabonabonane, ubona mina nje namhla bokubona nawe abanamehlo”. Phela wabe etekela ethi yebo nkosi kuhlale kubonwana ubona mina nje namhla bokubona nawe kusasa abanamehlo..

Kulapho kwasukela khona isisho esithi “bayozebakubone abanamehlo”. UShaka wabesethi akabulawe ngazo izinkomo azithandayo.Zabuyiswa-ke izinkomo zagcwala isibaya. Wabanjwa uGcugcwa waboshelwa ezimpondweni esangweni umlenze nomkhono empundwini engakwesokudla kanjalo ngakwesokhohlo yena waphakathi nesango lesibaya. Zakhishwa-ke izinkomo, zaqalezesaba zilokhu zibuyela emuva. Bazidudula zaze zagxuma ezinye zaziphonsa kuye. Zalandela zonke-ke ezinye, zamgxoba waba izicucu. Wafa kanjalo uGcugcwa kaNcameni wamaWosiyane. Konke lokhu kwenzeka uCabeka wakwaMabaso owayehambe noGcugcwa ebuka, yena akabulawanga wabuya esezobikela amaWosiyane ngaleso sigigaba.

Amahubo wakwaNzama::

Njengeminye imindeni nakwaNzama kunamahubo akhona abalulekile:

Elokukhipha umnumzane::
Leli hubo lihutshwa uma kukhishwa umnumzane eseyobekwa endlini yakhe yokugcina:

‘Sifun’ intshiyantshiya’
Eyashiywa nguBaba’

Elempi::

Leli hubo lihutshwa uma ihloma ihlasela eyamaWosiyana kuyiwa empini:

‘Uhlasel’ okaNzama
Nzama uyayizond’ inkosi.’

Indlela yokufuna ifa lezinkomo kwabe kungukuhlasela zilandwe kwezinye izizwe ngempi njengoba ihubo lamaWosiyane lisho lithi:

‘Nzama useMhlathuze,
Inkani zethu
Nang’uNzama ehleli phansi
Inkani zethuImpi iseMhlathuze”

Izibongo ZikaGcugcwa::

Umgungungubele unjengolwandle
Lona kuzekuse lugubelana,
Naboluwela, boluwela ngokushusungubekezela.
Imbali ayiqhakazi ematsheni isaba izinzipho ukonakala imbehesi,
Imhlamusihehe ingeyakithi kanobangaUbhodlelwa izingane,
Wabhodlelwa izingonyama
Wabhodlelwa amabhubesi
Ngalala kambelesane
Bangibelesela
Bangisinekela.
UNomandla kaNdaba
Uzimelele ngentonga ende yesinzimane (yobukhosi)
Imlangamhlola!
Ibangele uShaka wagwaz’unina
Yabangela uMjiwawumbane kaMatamela zabamzila munye
Ezasenhlanga nezakanobanga.
Umdlekezela lenkomo,
Udle izinkomo zamadoda,
Wadla nezeLembe eleqamanye amalembe.

Ibinda !

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo