Zikhali

AbakwaZikhali!!

…………………………………………………………………………………………………………………………………

Abantu bakwaZikhali bangaMaNgwane, ahlobene naMaNgwane kaMatiwane. Empeleni abantu bakwaZikhali baqhamuka eSwazini kwaNgwane. AmaNgwane esiwathola manje oKhahlamba ayazalana nala MaNgwane akwaZikhali. Eduze kwechibi lakwaSibhayi(Lake Sibayi) kunendawo lapho ebizwa ngokuthi kukwaMbila.

Kulesi sifunda sakwaMbila kuhlala isizwe sakwaZikhali. Ngokomlando kuthiwa lesi sizwe sadabuka eSwazini. Kuthiwa sasakhe eduze nomfula uPhongolo ngesikhathi kubusa iNkosi uDingane kwaZulu. Umuntu owayengumholi wabo kwakunguZikhali.

Ngenxa yokuthi babizwa ngokuthi bangabantu bakaZikhali kwagcina sekuthiwa ngabakwaZikhali. Abantu bakwaZikhali noma bethathwa ngokuthi ngaMathonga akwaMhlabuyalingana kodwa ukudabuka kwabo kubahlobanisa namaNguni aseMbo(Embo Nguni). Ngoba bahlobene nabaseSwazini kanye namaNgwane kaMatiwane. Phela uZikhali indodana kaMatiwane. Ngokubaleka kukaMatiwane, ebalekela uMbombosh’omnyama(uDingane) kanti uyogcina embulele. Kodwa ekubulaweni kukaMatiwane uDingane wayiphephisa impilo kaZikhali owayesengumfanyana omncane kangangokuthi waze wabuthwa wangeniswa ebuthweni uMkhulutshani. Kuthe ekukhothameni kukaDingane, uZikhali wathola intuba yokunyomuka kwaZulu. Wawela umfula uMkhuze wahamba njalo waze wayozinza eSwazini. Wafike waganwa indodakazi yeNkosi uSobhuza uNomlalazi, okwathi uma eSwazini sekwakhiwa uzungu lokubulala uZikhali, uNomlalazi washeshe wakwazi lokhu wase emvusa umyeni wakhe.
Wabaleka-ke uZikhali , wathi ubuyela kwaZulu wafica sekudlange amaBhunu, noma uMpande wayebusa kodwa amaBhunu ayesafake ikhala embusweni wakwaZulu. Yingakho nje asuka wayozifunela amadlelo aluhlaza kule ndawo ywakaMbila.
Ngesikhathi uZikhali eshona eNyakatho nolwandle abanye bona baqonda ezintabeni ZoKhahlamba. Lapho amaNgwane azibiza ngokuthi ngawakwaHlongwane. AbakwaHlongwane ukuze kuthiwe ngabakwaHlongwane nje kuthiwa bekuthi uma kunezimpi -babaleke bangene ehlathi elinezihlahla ezibizwa ngokuthi ngamaHlongwa, bayocasha khona. Kwase kuthiwa ngabakwaHlongwane. Isizwe sakwaMbila noma ngithi, isizwe sakwaZikhali sakhelene nezizwe eziningi kodwa esibalulekile ngesakwaMabaso.

……………………………………………………………………………………………

Izithakazelo zaMaNgwane!!

Ngwane, Zikhali,
Masumpa, Ndungude
Masengasikele
Hlongwane
Ndukuzinobulongwe,
Nina enibahle njengezihlabathi zolwandle
Siyane
Mnqobokazi,
Songobese.
……………………………………………………………………………………..

Ukwelamana kwabakwaZikhali!!

UDlabathi wazala uMafu.

UMafu wazal uNgwane.

UNgwane wazala uNgwadi nabanye.

UNgwadi wazala uNdungunde owazala uNtshele.

UNtshele wazala uTshani.

UTshani wazala uMasumpa owazala uMatiwane nabanye.

UMatiwane wazala uZikhali nabanye.

UZikhali wazala uNyanda noNcwadi

UNcwadi wazala uBambazi owazala uMoses.

…………………………………………………………………………………………..

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo